Bafuna uhehe nabantu abaqhamuka kwezinye izindawo umcimbi i-Jazz at the Berg ozobuya ihlandla lesine eWinterton ngoMashi 29.
Umhleli womcimbi uThabani Mazibuko uthe umcimbi usufika lapho bethanda khona ngokuheha abantu abavela ngaphandle.
"Ngonyaka odlule sihehe abavela eGauteng, Free State nakoMbombela. Abasemadolobheni aseduze koLadysmith nakoMtshezi bayafika. Esikufunayo wukuthi kuze nabantu abakoKapa, Lesotho nakoSwatini ngoba singomakhelwane. Okwenza sithakasele abavela ngaphandle ukuthi bashiya inkece endaweni kudaleke amathuba omsebenzi," kusho uThabani.
Uthe bazolinyusa izinga lomcimbi ukuze uzoqhubeka nokudlondlobala futhi okuhle ukuthi bafunda ezintweni ezenzeke emicimbini eyedlule.
"Okuheha kakhulu nangomcimbi wethu wukuthi simaphakathi nezwe. Kwenza kube lula ukufinyelela khona noma ngabe usuka kuphi."
Uqinisekise uhla lwabaculi abazonandisa kulo nyaka.
Phakathi kwabo kunoJudith Sephuma, Kujenga, Zuko SA noManana.
"Sineqembu labaculi basendaweni iDrakensberg Jazz Ensemble esihlanganise kulo amaciko onke avela oThukela. Inkakha u-Ernie Smith iyawapheka njengamanje. Bayisishiyagalombili uma sebephelele okungabadlali bezinsimbi nabaculi. Indlela esibathole ngayo wukuthi sifake ezinkundleni zokuxhumana saphinde sahlanganyela nezinhlaka zamaciko endaweni," kuchaza uThabani.
Uthe umcimmbi, ozoba seCathedral Peak Wine Estate uzoqala ngo-10 ekuseni kuze kube wu-12 ebusuku.
Uthe amathikithi aseqalile ukutholakala eTicketpro ngo-R450 i-general kuthi i-VIP ibe wu-R3 000.
"Abafisa ukulala sinalo uhlelo lokuhi bachithe ubusuku obubili nathi eDidima Resort bese bethola amathikithi eVIP amabili okuwumuntu nophathina wakhe. Imoto uyishiya khona sikuthathe sikubeke emcimbini. NgeSonto sivuka siyoqwala intaba sibuke ubuhle boKhahlamba. Konke lokho kukwi-website yethu," kusho uThabani.