IQHINA ligcine liphumile embizeni ngobudlelwano bukasaziwayo waseThekwini, uMinenhle “Minnie” Dlamini nodokotela wesikhumba uBrian Monaisa.
Njengoba bekugujwa usuku lweValentine’s izolo, uMinnie unameke izithombe ezimbili zakhe noMonaisa ku-Instagram, esinye isithombe besimveza eqabulana noMonaisa esihlathini nesinye esikhombisa yena eseduze konyanyavu lwemoto iPorsche nobuso obushaqekile.
Lezi zithombe bezihambisana nombhalo lapho uDlamini abebonga khona isoka lakhe elisha ngokumthanda, futhi wadalula ukuthi umbala oluhlaza ngokwesibhakabhaka yintandokazi yabo njengoba bebeswenke ngombala ofanayo.
“Izimbali zibomvu, intandokazi yethu yombala oluhlaza okwesibhakabhaka. Happy Valentine’s Day. La mazwi asuka kimi aya kuwe,” baphumele kanje obala oMinnie noMonaisa ku-Instagram.
Ekuqaleni kwalo nyaka, ubudlelwano bukaMonaisa noMinnie bathukuthelisa unina wengane kaMonaisa, uNeema Aloyce, kangangoba waze wasola uMinnie ngokumthathela indoda yakhe. Wathi nakuba yena noMonaisa bebengashadile kodwa bebekipitile, njengoba benomntwana. Emuva kosuku, u-Aloyce wabuye washaya ungqimphothwe waxolisa ngokungcolisa igama likaMinnie.
Lezi zithandani ziphumela obala nje, uMonaisa uqale ukusolisa ukuthi ujola noMinnie ngesikhathi esabalalisa izithombe zabo bezikhiphe eZimbabwe. Abalandeli bakaMinnie bahalalisele lo saziwayo futhi bambongela nangemoto.