SIKHUNI sibuye nomkhwezeli kugwetshwe ungqondongqondo wetulo lokubulala ngenxa yemali yomshwalense.
Inkantolo eNkulu eMadadeni igwebe ushayasibhamu uSinqobile ‘Sgora’ Zondi (23), ungqondongqodo uSandile Manqele (35) nozakwabo uQondeni Mhlongo (50), nomama kaSandile uRitta Mthembu (67) odilikajele abane neminyaka engu-65 bebhadla ejele ngemuva kokulahlwa ngamacala okubulala uSipho Sibisi noLondiwe Shongwe abebeneminyaka engu-38 no-25 ubudala ngaleso sikhathi.
Ngomhla ziyisi-6 ku-Ephreli 2022, uSibisi owayethandana noManqele watholakala enamanxeba okugwazwa amaningi endaweni yaseMhambuma. Kuthiwa impi phakathi kwalaba bobabili yaqala mhla kuboshwa uSibisi, intombi yakhe uSandile wadayisa umuzi wakhe engazi. USibisi wabuya ejele baxabana kwaze kwaba wukuthi uyabaleka uSandele uyobhaca kaQondeni Mhlongo eDoringkop.
Sebehlangeni, uSandile waveza ukuthi wabhalisa uSibisi noNksz Shongwe kumshwalense futhi usuvuthiwe. Basuka lapho bacela isalukazi uRitta Mthembu ukuba abafunele inkabi ezokwenza umsebenzi. Waqhamuka lapho uSinqobile Zondi okunguyena owathola lo msebenzi.
ULondiwe wadutshulwa wabulawa abasolwa ababengaziwa ngesikhathi esemzini wakhe eNsunduzane Reserve, eMacambini ngomhla zingama-27 kuDisemba 2022. Kuthiwa uLondiwe wabulawa ngephutha inkabi imphambanisa nonina uSindisiwe okunguyena okwakumele abulawe. Uphenyo lwezobunhloli lwenziwa mhlaka-10 Januwari 2023 ngabaseshi baseNyoni nokwaholela ekutheni kuboshwe uZondi owatholwa nesibhamu esinezinhlamvu eziyisishiyagalolunye.
Uthathe amaphoyisa wawayisa endaweni yaseDoringkop, eNewark, lapho kwaboshwa khona laba besifazane abathathu. Uphenyo luveze ukuthi ummangalelwa wabulala izisulu ngoba efuna imali yomshwalense.