OBESAKAZA uhlelo lwangeSonto emsakazweni uKhozi FM, uThembeka Zondo Cele, usecacise ngekusasa lakhe kulesi sikhondlakhondla somsakazo emuva kokungabonakali kwegama lakhe ohlwini lwabasakazi abazobe beyibambe kusuka ngo-Ephreli 1.
Abantu abaningi bazibuze baziphendula ngaye, abanye baze bazitshela ukuthi ijazi ligcwale umoya kuye kanti bashaye phansi kwashunqa uthuli.
UThembeka, obesakaza i-Eshilo, uqinisekise abalaleli boKhozi ukuthi usekhona kulesi siteshi esilele isibili kwezinkulu emhlabeni jikelele. Ukhulume kanje emuva kokudideka kwabaningi emuva kokukhishwa kulolu hlelo alubambe emuva kokuxinwa wukugula kobelusakaza kodwa ongasekho emhlabeni uZanele Mbokazi.
"Ngithi nje angiqinisekise ukuthi ngisekhona emsakazweni futhi ngisaqhubeka nomsebenzi wami wokubhekelela umnyango wezenkolo kanjalo nokudidiyela. Ngangibambile ngamaSonto njengoba ngangihlale ngisho."
UThembeka uncome isenzo sabaphathi balo msakazo ngokuqoka uzakwabo uPhindile "Phindi P" Phewa ukuba asakaze lolu hlelo. Uthe akekho umuntu obengangena khaxa kulo ukwedlula uPhindi P.
"Akanalo nje ikhono kuphela, kodwa ukhulile nasezwini leNkosi. Ngiyathemba nizomeseka, nimamukele ngemfudumalo. Kuza uhlelo olumnandi kakhulu futhi ngikulangazelele kabi ukulalela isiqephu sokuqala. Anginithembise ukuthi amaSonto enu ngeke aphinde afane nakuqala ngoba kuningi okuhle okuzayo."
Kuhlukane imibono ngokukhishwa kukaThembeka kulolu hlelo. Abanye bathe bese bekuthakasela ukulwethula kwakhe ngoba bethi ubakhumbuza uBongi "Beegee" Gumbi-Magudulela kodwa abanye beshaya amakhala, besola ukuthi akazi lutho ngobuKhrestu ngenxa yokuthi kuke kwavela ukuthi uyiNazaretha. Ngakho igcagcele esokeni kwabasindisiwe.
Bekungekhona okokuqala uThembeka ebamba kulolu hlelo. Uqale ngesikhathi kukhonjwa uSbu Buthelezi indlela emuva kokusolwa ekuqolweni kwabantu. Kwabamba yena kwiNdumiso kwaze kwaba abaphathi babuyisa uZanele ukuba azovala isikhala sikaSbu.
UZanele wabe eseliguqula igama wathi ise-Eshilo. Sekungumlando ukuthi uZanele udlule emhlabeni ngo-Agasti nyakenye emuva kokuxinwa yisifo somdlavuza isikhathi eside. Ngaphambi kokuba kungene uThembeka e-Eshilo, kwaqala kwabamba uThokozani MaMkhize Ndlovu.
UThembeka wajoyina Ukhozi emuva kokuhlabana emqhudelwaneni owawuthungatha abasakazi abasafufusa ngo-2011.
Waqashwa kanye nozakwabo uZimiphi "Zimdollar" Biyela owayelale isibili. Wayeqale ukuveza ikhono lakhe emsakazweni womphakathi ozinze KwaMashu, iVibe 94.7 FM. Ngaphandle kokusebenzela uKhozi, uThembeka usebuye abonakale ezinhlelweni ze-1KZN TV.