UNONTANDAKUBUKWA weTheku, uTha Simelane, uthungatha owesifazane ozomkhulelelwa ingane kodwa uveze ukuthi akazimisele nakancane ukuthi athandane naye kodwa ufuna ingane ibe yigazi lakhe uqobo.
Uthi ufisa ukuthi kuphele lo nyaka eseziphothulile izinhlelo zalokhu kwazise usekhulile, akafuni ukuthi uma efa amafa akhe adliwe ngabantu angabazi.
“Ngizokwenza i-surrogacy esengenze ucwaningo ngayo. Angizimisele ngokuba nowesifazane engizothandana naye kodwa ngithungatha ozongithwalela ingane. Okwenza ngithathe le ndlela wukuthi ngifuna ukuba nengane ezalwa yimina uqobo. Ngilulekwe wuShauwn MaMkhize, ukuthi kumele ngibe nengane.
“Uveze indaba yokuthi sengimdala kumele ngiqondise izinto zami nokuthi uma kwenzeka ngihamba emhlabeni ngibe nomuntu engizobhala ngaye amafa ami. Nami ngibonile ukuthi uqinisile ngempela njengoba ngingenayo ingane, amafa ami ayozidlelwa abantu,” kusho uTha.
Uthe yize kuwuhlelo olubizayo lolu lwe-surrogacy kodwa uzimisele ngokwenza lona ngoba akaziboni ethandana nomuntu wesifazane.
Uveze ukuthi uselwenze lonke ucwaningo futhi kunodokotela omlekelelayo omchazele konke ngalo. Uthe wamangala nokuthola ukuthi ngisho ufuna ukuba namawele kuyenzeka ngalolu hlelo okuyinto abengayazi.
UTha uhlala nonina kuphela KwaMashu. Uthe into eyenza abone ukuthi ngempela kumele abe nengane, yingoba akekho umuntu ambhale emafeni akhe, kanti izinto zimhambela kahle empilweni njengoba ethe usekhushulelwe nasesikhundleni sokuba yiPhini likathishanhloko kwesinye sezikole afundisa kuzona eThekwini.
Nonina uthe usekhulumile naye bavumelana ngokuthi athole ingane ngalolu hlobo. Kwezokungcebeleka uthe nakhona izinto zibukeka ziza kahle njengoba ezolingisa indawo kasomabhizinisi kuZalo futhi usaqhubeka nokuphatha izinhlelo emicimbini.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi uTha ungomunye wabasohlelweni olukhuluma ngempilo kaMaMkhize, oluzokhonjiswa kwiShowmax.
Ebuzwa ngalo uthe okwamanje akuvumelekile ukuthi kubekhona akushoyo ngalo kodwa luyashuthwa kumanje.