USOMAHLAYA ophinde abangumlingisi, uCeleste Ntuli, uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa ngomcimbi wamahlaya iCeleste Ntuli and the big dudes, ngenhloso yokuhlonipha futhi akhumbule intandokazi yomculi ongasekho uBrenda Fassie.
Lo mcimbi ozobe ubophele ozakwabo kwezamahlaya abangabesilisa, uzoba ngomhlaka 25 eGoli, kulenyanga.
UCeleste (44), uthe ngalomcimbi uhlose ukuhlonipha uBrenda Fassie, njengoba naye ake wenza umcimbi iBrenda Fassie and the big dudes yize ngalesiya sikhathi kwakungabaculi.
Ekhuluma neSolezwe uCeleste, uthembise ukuthi izethameli zizohleka kuze kubebuhlungu izisu ngoba kuzoba khona osomahlaya abaziwayo futhi asebezakhele igama abafana noFelix Hlophe kanye noChris Mapane noTats Nkonzo.
“Isizathu esingenze ngabiza lomcimbi ngeCeleste Ntuli and the big dudes ukuthi ngifuna ukusina ngidedelane nozakwethu abaziwayo endimeni yezamahlaya. Okwesibili ukuthi kuzokhumbuleka ukuthi nomculi uBrenda Fassie naye wake waba nomcimbi okanje yizeke owakhe wawungomculo, kodwa nje ngifuna nokuhlonipha naye kwazise inyanga yabantu besifazane,” kusho uCeleste.
Eqhuba uCeleste, ufanise amalungiselelo alomcimbi nawomshado njengoba emaxhapheshu ehla enyuka elungiselela usuku lomcimbi.
“Angikaze ngashada kodwa uyabona ngendlela engimatasa ngayo ungaze ufunge ukuthi ngilungiselela umshado. Amalungiselelo okwamnje asahamba kahle esingakusho nje ukuthi abantu abaphume ngobuningi beye eEmperors Palace eGoli ngomhlaka 25, bazobhema bekholwe futhi bejabule kanye nathi,” kusho uCeleste.
Amathikithi kuyimanje asedayisa ubuthaphuthaphu eTicketPro kanti libiza uR300 umuntu eyedwa.