UMCULI we-Afro pop osemncane, uNaledi Aphiwe, uphume kukubi emcimbini kaMthandeni obuseNhlwathi, KwaHlabisa, abantu besho ukumqeda ngamabhodlela engakaqedi nomzuzu ese-stage.
Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana izolo ekuseni, kuvela uNaledi (17) waseNanda, eThekwini, engena e-stage kusacula isilomo somculi kamaskandi uGatsheni, anqamule phakathi kwakhe namagidangoma akhe, acule ingoma yakhe ethi Uyangijabulisa.
Nakuba kubonakala ukuthi akazifakanga e-stage njengoba kubonakala kwi-video kufakwa ingoma yakhe, okukhombisa ukuthi ufakiwe andukuba angene, kodwa okucasule kakhulu abalandeli wukuthi ungeneleni e-stage kusekhona omunye omculi onandisayo, bamthelekela ngamabhodlela.
Engena abantu bavele badinwa, kwaGatsheni uqobo ubonakale edideka ukuthi kwenzakalani njengoba ebesanda kuqala ukucula kulo mcimbi ohlelwe yiGcokama Elisha (Mthandeni SK) ukuzojabulela impumelelo yengoma yakhe ethi Gucci, ayishaya noMawhoo, nokuyiyo ehlukanise unyaka emsakazweni Ukhozi FM.
Le ntokazi ebifunda u-matric eKhethokuhle High, khona eNanda, nyakenye, iqhubekile yacula abantu beyijikijela ngamabhodlela, kwaze kwaqhamuka othile wesilisa, wayidonsa wayikhiphela ngaphandle, kwayikhani kwehla umoya ebantwini, kwaqhubeka umcimbi, kwabuyela uGatsheni wanandisa.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana ukuzwakalisa imibono yabo ngesenzo sale ntokazi, egqame kwezomculo emva kokuzwakala kwephimbo layo engomeni yesihlabani somculi waphesheya kwezilwandle uChris Brown, ethi Shooter.
UNqobizitha Thabethe uthe: “Nimkhiphelani uNaledi Aphiwe ngamabhodlela e-stage? Isenzo senu asilungile futhi sinobuwula phakathi. Sengathi abenzi bokubi bengatholakala, baboshwe.”
UZesizwe Mhlongo: “Nibadala kodwa nikhuluma into engafanele ngengane encane kangaka. Umuntu onephutha wodlale ingoma kaNaledi, kube kusekhona omunye umculi e-stage.”
UZee Precious Zondi yena uthe: “Abalandeli bamaskandi banodlame nje umthetho wabo. Besingekho isidingo sale nto abayenzile. Badicilela phansi isithunzi samaZulu.”
UZibu MaSotobe Sibiya ubhale wathi: “Lokhu ukwenzeke kuNaledi kungenxa yabantu abathi akuyekwe ingane phansi uma kukhona izinto ezihlatshwayo nezikhuzwayo ngayo. Le ngane idinga ithimba labantu abazoyiphatha futhi bayilawule ukuthi izinto izenze kanjani.
“Uvele wangena e-stage kube kukhona uGatsheni namagidangoma akhe, wangababingelela ngisho nokubabingelela ukukhombisa ukuthi uyababona. Wadabula izinsizwa phakathi.
“Isenzo sakhe sifana nokwedelelwa amatshitshi esigodlweni eNyokeni. Ngeke uze uphumelele uma wenzanjalo. Yebo, umuntu obebhekele ukusebenza kwe-stage ube nephutha, kodwa ukube uNaledi ubenabantu abamphethe, bebezomtshela ukuthi akame kancane, angangeni kube kusekhona elinye iciko.”
Kuthintwa udadewabo omdala kaNaledi, okuwuyena atholakala kuyena uma edingwa ngabezindaba, uLondiwe Mncwabe ushaye ngezimfishane, wathi ingane yakwabo ayinankinga lapho ikhona.
Kubhekwa ekhasini lakhe lakwi-Facebook, uNaledi ubhale wathi: “Engathi yimina uJesu wasemhlabeni manje. Bayangikhaphela Simakade, bangishaya ngamabhodlela. Sekushoda khona ukuthi bangilengise esiphambanweni, nginifele nonke ezweni.”
IGcokama Elisha, uMthandeni SK, lona alitholakalanga ukuphawula ngalolu daba ngenxa yokuthi ngenkathi lithintwa, ucingo lwalo belungangeni.