IGEZA lensizwa engumshayeli wemoto ohlelweni oluyintandokazi lwabafuna izinqandamathe, iDate My Family kuMzansi Magic, liyakujabulela ukuthandwa nakuba livela kancane kulolu hlelo.
UKerene Sibusiso Moaforiwa (34), usephenduke intandokazi ikakhulukazi kwabesifazane ababuka lolu hlelo. Inqwaba yabo balibeka ngembaba elokuthi basuke bejahe ukuzibukela lo mbhemu eshwibeka nebhodlela lewayini, bese bezwa umoya wabo uvuma.
Abaningi abawunaki lo msebenzi wokuba umshayeli ngoba basuke benake labo abasuke bezohlangana nezithandwa.
Kulolu hlelo kusuke kufike abesilisa nabesifazane bezozithela inyandana beqhutshwa wusizi lokungabi nomaqondana.
Uhlelo lungena ngo-6 ntambama njalo ngeSonto futhi selukhombise ukuba nesasasa kubabukeli ngoba kusuke kukhulunywa ngalo nasezinkundleni zokuxhumana nasendaweni zokusebenzela.
Le nsizwa idabuka eBochum, eLimpopo, nokuyilapho iqede khona i-matric wayo ePhala High. Ujoyine uhlelo lwethelevishini ngo-2016 ngesikhathi ezwa ukuthi kufuneka umshayeli.
KUMPHENDULE undabuzekwayo ukuba wumshayeli wemoto yohlelo iDate My Family uKirene Moaforiwa
UMoaforiwa uthi ubengakulindele ukuthi angathola isasasa elingaka kubantu ngoba ubezenzela umsebenzi wakhe enganake lutho.
Le nsizwa yaziwa ngokugqoka kahle, ihlanzeke iphinde ibe nomzimba ololongekile okhalisa izintombi.
Ukuvezile ukuthi ungumuntu ojimayo nokwenza ukuthi umzimba wakhe uhlale usesimweni.
Uveze nokuthi uyiqhathanzipho lesidalo, yikho ehlale ezidlele amasudu ebukeka kahle ngaso sonke isikhathi.
Uncome nethimba lohlelo eliqinisekisa ukuthi bavela bebukeka kahle ngoba babukwa yizinkumbi zababukeli.
Wajabulisa okwengane ibona amaswidi ngesikhathi eqashwa ngoba ukusebenza ngabantu uyakuthanda. Ngaphambi kokungena kulolu hlelo ubesebenzela iBomb Shelter Productions eke yenza iZone 14 neSibaya.
“Umsebenzi wami ulula ngoba ngihambisa labo abasuke befuna izithandwa, bese ngihambisa iwayini kulabo okusuke kungalunganga kubona. Ngigcina ngivela nami kwithelevishini ngenza lo msebenzi wami,” kuchaza le nsizwa.
Ithe yaqala yathwala kanzima ekuqaleni ngoba kwakufanele ilethe iwayini kwabachithiwe nokuyinto engelula ukuhambisela umuntu izindaba ezibuhlungu kodwa ayikho into ayezoyenza ngoba umsebenzi usuke uphoqa ukuba ubeke imizwa eceleni wenze okuqashelwe.
Akakufihlanga ukuthi usephenduke isilomo sezintombi yonke indawo. Nasezinkundleni zokuxhumana zinakho ukuphosa amaganyana kuyena.
“Kuyenzeka nasezitolo uma ngithenga ngithole sebezidlisa satshanyana, nasezinkundleni zokuxhumana kuba yinto efanayo.
“Ngiyakujabulela lokhu ngoba ngingumuntu wabantu angibaphoxi ngoba basuke bekhombisa ukuthanda uhlelo.”
Uthe uke abangwe abantu besifazane befuna ukushutha naye kodwa ehlise umoya abanike ithuba ngoba ukholwa ukuthi babamba iqhaza elibalulekile ngokubuka uhlelo nokuyinto ebajabulisayo, ekhomba ukuthi benza umsebenzi omuhle ojatshulelwa ababukeli.
Uthe nakuba enaso isithandwa sakhe asithanda ukubhubha kodwa abakalihlanganisi ifindo likasofa silahlane naso. Unguyise wendodakazi eyodwa nayo ayiphathise okweqanda ngoba iyona yodwa ingane asenayo okwamanje.
Abaningi babuye bambuze ngokuthi kungani angabi umethuli wezinhlelo ngoba wakhiwe ngendlela evuna ukuba enze lo msebenzi.
Uthe lelo thuba ulilinde ngabomvu angalithatha egijima ngoba unaso isifiso sokwethula izinhlelo.
Akabhekene nomsebenzi wokushayela kuphela njengoba ethi kukhona amatasa nakho kodwa wangafuna ukuyikhulumela eziko enqena ukuthi hleze ihambe nomlilo kodwa wathi abantu bazokwazi ngakho maduze nje.
Okunye ngoMoaforiwa
* Uzifela nenyama yenhloko namadombolo, uyehluleka ukuzibamba uma eyibona.
* Uhlala eshayela izimoto zakwaVW (abaxhasi bohlel) ezehlukene kodwa emhlabe umxhwele iVW Arteon.
* Ulangazelele ukuyophola eBahamas.
* Uthanda umdlalo wamabhokisa, ngeke amkhohlwa uLennox Lewis.
* Ungumlandeli weMamelodi Sundowns, ufizela ngonozinti uDennis Onyango.