OWAYENGUMSAKAZI weRise FM, nosengumelaphi wendabuko, uthe yize enesifo esibizwa ngeGraves, esiphazamisa ukusebenza kwezitho zomzimba nesivimbe ukuthi aqhubeke nokuthola abantwana, kodwa idlozi limthembisile ukuthi usazomthola.
UZookey Zarling obizwa ngoNdlovukati Dumizulu ethongweni, uvele nomyeni wakhe ohlelweni lwethelevishini, iThokoza Muntu Wami kuMzansi Magic, bekhuluma ngokuthola umntwana.
Umyeni kaNdlovukati Dumizulu, ubekhala ngokuthi yena akanabantwana kodwa unkosikazi wakhe unabo abathole ngaphandle. Ubethi naye ufuna owakhe umntwana futhi uzimisele ukuthi amthole ngokuthi akhulelise umuntu wesifazane okungaba uyena uZookey. Kuze kwafika nasengxoxweni yokuthi athathe omunye unkosikazi wesibili uma uZookey engeke akwazi ukumtholela umntwana.
Exoxa naleli phephandaba uZookey, uthe impela kuyiqiniso ukuthi okwamanje akakwazi ukuthola umntwana ngenxa yesifo anaso iGraves disease.
“Inkinga ngingenwe amakhehla angikwazi ukuba sesithenjini kodwa idlozi lingithembisile ukuthi ngisengakwazi ukuthola umntwana kodwa kunezidingo okumele ngidlule kuzona ukuze ngikwazi ukuba nomntwana. Lezo zidingo ngizokwazi ukudlula kuzona ngokusebenzisana nendlunkulu yakwaNdebele, ngemvume yeSilo sakhona. Kumanje sengiluqalile uhlelo lokuhlangabezana nalezo zidingo,” kusho uNdlovukati Dumizulu.
Uthe useke washelwa ngabesilia abehlukene befuna ukumfaka esithenjini kodwa kungenzeki. Kunalokho uthe labo abasuke bemfuna esithenjini ugcina esengumngani nabo nemindeni yabo. Uthe uyena ogcina esefunela abesilisa abesifazane abazothandana nabo ngoba yena akayena umuntu wesithembu. Uqhube wathi ngisho nemishanguzo yakhe njengomelaphi wendabuko igxile kuzona ezothando.
Ngakolunye uhlangothi uZookey uthe usekhona kwezikaqedisizungu, futhi kunomsakazo omnxenxa ukuthi azoba nohlelo kuwona. Uthe okwamanje akazodalula yonke imininingwane ngoba akukho asebekusayinile nawo.