USEPHINDE waba undabamlonyeni uzime uChidimma Adetshina kulandela ukuboshwa kukanina ngempelasonto ngezinsolo zokuba kuleli ngokungemthetho.
UChidimma waqala ukugqama ngesikhathi engenele umncintiswano kaMiss South Africa. Kwasuka umsindo kukhona ababekhala ngokuthi uvunyelwe kanjani ukungenela ngoba ungowaseNigeria?
Wagcina ehoxile emncintiswaneni waya eNigeria, lapho afike anqoba khona isicoco sikaMiss Universe Nigeria.
Umele izwe lakubo kuMiss Universe eMexico, lapho aphuma khona isibili.
Ngempelasonto, uMnyango wezaseKhaya ukhiphe isitatimende uveza ukuthi ubophe, unina u-Anabela Rungo, eKapa. Uthe amaphepha akhe okuba kuleli ahoxiswa ngoSepthemba, nyakenye, ngemuva kokuthola ukuthi uwathole ngomgunyathi nokwenza ukuthi angakwazi ukuqhubeka nokuhlala kuleli.
Umnyango uthe uqhubekile esebenzisa i-passport yakhe yaseMozambique.
Ngesikhathi eshaqwa utholwe nengane encane kaChidimma abehlala nayo.
Kwenzeka lokhu nje, ekhasini okuthiwa ngelakhe kwi-X uChidimma ubefake isithombe ethi useKapa.
Kune-video efakwe kuyona le nkundla ezinsukwini ezinhlanu ezedlule iveza uChidimma eseKapa. Lokhu kwenze kwaqubuka imvunge kwabanye.
Ephawula esitatimendeni esifakwe umnyango, uBhekisisa ubuze ukuthi ungene kanjani kuleli nokuthi zingaki izigebengu ezifunwayo ezidlula mihla namalanga?
UMpho Ramaphiri uthe: “Umnyango awusebenzi, kungani kumele kube abantu basezinkundleni zokuxhumana abawenzela umsebenzi?”