MHLELI: Ngesikhathi ngilungisa umlando wakwaMakhanya nezibongo ezihlobana nazo zonke eziphuma eMthandeni, kwaQwabe, ngithathe ngabhala lezi ezinobukhosi kuphela kanti ziningi izibongo eziphuma eMthandeni.
Nazi ezinye: Mnyaka, Myeza, Gcwabaza, Mlanduli, Dlamuka, Mabanga, Maphanga, Gcabashe, Msomi, Meyiwa, Mnyandu nezinye. Kodwa ezinye aziphumi ngqo kwaQwabe. Ziphume seziphuma ezibongweni eziphuma kwaQwabe.
OGcwabaza nje baphuma kwaMakhanya, oDlamuka baphuma kwaKhuzwayo kanti oMeyiwa baphuma kwaMsomi. Kokunye baningi abantu ababevele phambilini kuthiwe abakwaQwabe kodwa uthole ukuthi base bephumile.
Kuyavama ukuthi osomlando bathi uGendeyane kaKhanyile kaDweba wayengowakwaQwabe kanti wayengowaseMaMbedwini kwaKhuzwayo. Ngisho uGendeyane lona ozala uNgwadi wakwabo kweLembe. Nondlunkulu uMaNgobese, uMpikase intombi kaMlilela, kwayaye kuthiwa wabe ezalwa uMaQwabe kanti wabe ezalwa uMaGcabashe.
ISilo uDingane sikhulele kwaninakhulu ozala unina kwaGcabashe eduze noMhlathuze. Yingakho iSilo uDingane sasiwazi kakhulu amahubo esizwe sakwaQwabe. UTununu kaNonjiya wakwaGcabashe wayeyimbongi yeSilo uDingane. Uyise uNonjiya kaThuzuqu wayewundunankulu wenkosi uPhakathwayo kaKhondlo.
Kulezi zibongo zakwaQwabe ezinye zazo kwabuye kwaphela ubuhlobo kwaganwana. Wayekhona nje uNdlunkulu uMaDlamuka noMaGcabashe ababegane inkosi uPhakathwayo Ekudabukeni.
UNongalaza kaNondela waseMaNyandwini waba undunankulu weSilo saKwaNodwengu. Bona (oMnyandu) baphuma kuMnyamfu kaKhondlo kaMncinci.
Phila Mthethwa
EMPANGENI