USENGENE emculweni uThobile MaKhumalo Mseleku wodumo lohlelo lakuMzansi Magic, Uthando Nes'ithembu.
Kulindeleke ukuthi akhiphe umucu wakhe wokuqala womculo wokholo ngenyanga ezayo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uMaKhumalo ongomunye wamakhosikazi amane kaMnuz Musa Mseleku, uqinisekisile ukuthi usengumculi. “Kumanje simatasa nokuqedela leli culo. Ngisebenzisane nomunye wabaculi bowokholo odumile kodwa okwamanje angeke ngikwazi ukudalula ukuthi ngubani. Sizomemezela maduze uma sesilithula ngokusemthethweni leli culo,” kusho uMaKhumalo.
Uthe ukuhlabelela into akhule eyithanda kodwa wayengakaze azitshele ukuthi angaba umculi. Uveze ukuthi nguye lo mculi owambona kweminye yemicimbi ayeyihambele wachazwa indlela ayecula ngayo.
Uqhube wathi okwamanje akazi noma ukhona omunye umucu ozolandela noma i-albhamu.
Uthe konke kusezandleni zabantu, kuzoya ngokuthi bawamukela kanjani umucu wakhe wokuqala.
Ephawula ngokugunda kwakhe imiyeko uthe uyigunde ekuqaleni kwalo nyaka ngoba efuna ukushaywa umoya. Izinwele ezincane uthe ziyamsebenzela njengoba engumuntu ohlezi ematasa kodwa imiyeko usazobuye ayibuyisele ngokuhamba kwesikhathi.
Ebuzwa ngokuncipha kwakhe uthe kuyamsebenzela ukushintsha indlela adla ngayo.
“Njengoba saveza ohlelweni lwethu, siyazama ukuthi sidle ukudla okunempilo. Kwami nje sengishintshe nohlobo lokudla engiluthengayo. NoMthombeni useze wajwayela ukuthi asisadli noma yini. Isikhathi sokuya ejimini siyangishaya, ngijima endlini. Ngavele ngathenga yonke imishini yokujima engiyidingayo. Akufani khona nasejimini ngoba wenza ngendlela othanda ngayo."
UMyeni wakhe uMseleku uthe ungumuntu ophiwe emculweni, bakubone kaningi lokho njengoba ejwayele ukubaculela emcimbini yemindeni.
Ukuthulwa kwalo mucu uthe bazowuqondanisa nokuthulwa kwabusha kwencwadi yabo iLife in Polygamy esizotholakala kuzo zonke izitolo zezincwadi.