INTOKAZI eyisangoma ezakhele igama ngezinto ezithinta ubungoma, ezinkundleni zokuxhumana, uPatricia Motsoeni-Shange, edume ngelikaGogo Skhotheni, ithi kusekuningi abantu abangakuqondi ngabalaphi bendabuko.
UGogo Skhotheni uzojoyina izangoma zakuleli ezifana noGogo Maweni naye ongowesifazane osemncane onohlelo lwakhe olukhombisa ngempilo yakhe yobungoma oluthi Izangoma Zodumo obeludlala kwiMzansi Magic.
Muva nje bayanda osaziwayo abaphumela obala ngobizo lwabo futhi asebeke bakhombisa ngempilo nobizo lwabo kwithelevishini, okubalwa oBoity Thulo, Dineo Ranaka nomlingisi uLetoya Makhene.
UGogo Skhotheni uthi akukho azokufihla ohlelweni lwakhe lwethelevishini, oluthi Gogo Skhotheni oluzoqala kwiMoja Love (157), ngoJulayi 2, ngo-8.00, ebusuku, uthi uyazi ukuthi kukhona abazomgxeka ngazokuveza ngobungoma ohlelweni lwakhe.
Ekhuluma neSolezwe uthe ukuba nohlelo olukhombisa impilo yakhe, yinto ayekade eyifuna ngoba ukholwa ukuthi kuningi okumele akufundise abantu ngempilo yobungoma.
“Abantu bakuleli nabathandi besiteshi iMoja Love ngizobakhombisa ukuthi uhlelo olukhuluma ngempilo yomuntu yinto ekanjani. Iqiniso ngempilo yami yansuku zonke nendlela engenza ngayo izinto ezithinta ubungoma, ngizokuveza ngeqiniso konke,” kusho uGogo Skhotheni.
Uthe okunye azokuveza wukuthi wangena kanjani emkhakheni wokwelapha aphila ngawo.
“Mina ngizoveza ukuthi uma ngifikelwa amadlozi ngisemehlweni abantu konke lokho ngikwenza kanjani ukubhekana nakho. Ngizovezela abantu ukuthi uma idlozi lingiyalela umyalelo ngenza kanjani. Kusuka ngo-2019 ngangifuna ukubonisa abantu indlela izangoma okumele ziphile ngayo. Mabasondele abantu bazobuka into yamehlo, hhayi eyenziwe ngoba kudonswa ababukeli kodwa ngizokwenza into eyenziwe ngeqiniso,” kuchaza yena.
Uthe wazi kahle ukuth kukhona abazomgxeka, abanye bamehlulele ngezinto ezizovela ohlelweni kodwa akanendaba.
Olunye uhlelo oluzoqala kulesi siteshi ngenyanga ezayo ngolwethulwa nguJub Jub oluthi Uyajola 9/9.