UMDANSI waseThekwini, uSne Mbatha, ungomunye wabazomela elakuleli kwi-Dance Nation Africa eHeartfelt Arena ePitoli, ngo-Ephreli 5 no-6.
Kule ndumezulu yomcimbi kuzobe kushiyelana inkundla abadansi abaneminyaka ephakathi kuka-12 no-30. Iningi labo lizobe lidlana imilala ngomdanso weHip Hop, Amapiano neHouse.
USne (32), ulingisa indawo kaKgomotso emdlalweni weTV osakazwa kwiBET TV i-Pound for Pound.
Uzobe edansa ededelana nabadansi abahlonishwayo okubalwa kubo uKamo Mphela, Rudi Smit, Junior King, Soweto’s Finest, Tlhogi M, Chad Jones, Lorcia Cooper, House of H&H, Bontle Modiselle noJohannes Radebe (Strictly Come Dancing UK).
Le ntokazi ayisilo neze ivukane kulo mkhakha njengoba seyibuya nasemidlalweni yaphesheya kwezilwandle. USne uqale ukugqama endimeni yezokungcebeleka ngesikhathi ebamba iqhaza emncintiswaneni iSo You Think You Can Dance ngo-2010.
Ubuye walingisa emdlalweni okhonjiswe kuNetflix osihloko sithi Jiva! lapho elingisa indawo kaZinhle futhi wadlala noThuso Mbedu noViola Davis efilimini yaseHollywood, ethi Woman The King.
Ubengomunye wabethuli bohlelo lomdanso obelukhonjiswa kwiMTV Base iDance Nation.
Lo mdidiyeli womdanso useke wazungeza umhlaba nezihlabani ezidumile oKendrick Lamar futhi wabhulela amazolo oJay Sean, Kanye West, Nas, Usher noTimbaland. Ikhono lakhe uyalibona kuma-vidiyo oDrake, Omarion, Wizkid, Pataronking, Anatii, Nadia Nakai nakweka-Omarion.
Emicimbini aseke washiya kuyo izithameli zisahalela impinda, kubalwa ama-MTV Africa Music Awards, South African Music Awards, Metro FM Music Awards, GLO Caf Awards nakwi-Lipsync.
"