NJENGOBA kuqala uFebhuwari owaziwa ngokuthi yinyanga yezothando, abantu abaningi abasebudlelwani bezothando bavame ukuhlela khona izinto nezindlela ezahlukene zokuthi bajabule nezithandwa zabo ukukhombisana uthando lwabo.
Ukwenza izinto zibe lula kwizithandani, abahleli bemicimbi eyahlukene baseThekwini namaphethelo benze imicimbi abahlose ukujabulisa izithandani ngayo ngempelasonto yangoFebhuwari 14, usuku iValentines Day, lapho abantu abasebudlelwaneni bothando benza izinto ezahlukene ukujabulisana, okuzoze kushaye uFebhuwari 16, zibuya.
Imicimbi yobumnandi bangaleyo mpelasonto eThekwini, izoqala endaweni yokudlela iMaison, emgwaqweni uFlorida nge-Dinner With Russell Zuma, lapho lo mculi we-house ezoqhulula khona izingoma zakhe ezahlukene futhi ezithandwayo zothando. Kungenwa ngo-R300 umuntu emunye, no-R600 abathandanayo, kanti umcimbi uzoqala kusuka ngo-6 ntambama.
NgoMgqibelo wangoFebhuwari 15, imicimbi izoqala ngeLovers & Friends Eyadini Lounge ngo-12 emini, lapho okuzonandisa khona uDJ Happygal, DJ Muntu, Afro Soul, Gatsheni, Zawadi Yamungu, DJ Muntu nabanye. Umgqugquzeli walo mcimbi, owagcina ogcine ukwenziwa ngo-2022, uBanele Tshabalala uthe: “Sizohlanganisa abantu ukuzojabula esikholwa wukuthi kuzosiza ukuqinisa ubudlelwano babo ngokwehlukana kwakho.” Ithikithi lokungena kuwona libiza kusuka ku-R100 lilinye eWebtickets.
Ngawo uMgqibelo, abathanda izinkondlo nomculo bazobuthana e-UKZN Jazz Centre kwi-The Love Experience, lapho abantu bezobusiswa khona ngomculo nezinkondlo koGubhela, Sindiswa Zulu, Xabiso Vili, N’Den, Nomashenge, Steel The Poet noFarah Sayed.
Umhleli walo mcimbi uNkululeko “Page” Ngwenya uthe: “Kungokokuqala senza lo mcimbi, esibone kufanele ukuthi ube ngodidiyele izimbongi ngoba sibona ukuthi eziningi zazo zibhala ngothando, okuzohambisana kakhulu nomoya esikuwo manje.” Amathikithi awu-R50 izitshudeni, no-R80 kwabanye eWebtickets.
Ngawo futhi uMgqibelo, inkakha yomculi we-jazz, uDkt Nduduzo Makhathini nomkakhe u-Omagugu, bazohlanganisa izithandani emcimbini wabo ozoba seHue Cafe, eMorningside, obizwa nge-Zulu Love Stories & Songs. UDkt Makhathini uthe kulo mcimbi, bazoxoxa izindaba zothando, ezixutshwe nomculo ngenhloso yokukhuthaza abantu ukuzibophezela ebudlelwaneni abakukho bezothando, bakhuthaze nokushadana. Umcimbi uqala ngo-4 ntambama. Amathikithi adayisa ngo-R250 nango-R300 eQuicket.
Omunye umcimbi okhuza ibuya kulo nyaka nobe nesasasa elikhulu nyakenye yi-Lovers Picnic, ebuye ngendlela ehlukile kwejwayele ukwenziwa ngawo. Umgqugquzeli walo mcimbi uDogg DBN uthe nonyaka ubuya usuyi-Love Weekend, okusho ukuthi uzohlukana kabili. Uzoqala ngoMgqibelo nge-Singles Party e-The Villa ngo-1 emini, lapho kuzohlangana khona abantu abashimile, ngenhloso yokujabula nokwakha ubudlelwani obusha. Ngakusasa kuzoba yi-Lovers Picnic, khona e-The Villa, ngesikhathi esifanayo, lapho okuzobe kuhlangene khona izithandani kuphela edilini lomculo. Amathikithi wu-R190 kuya ku-R350 ngokwehlukana kwemicimbi.