UQOPHE umlando wokuba ngowesifazane omnyama wokuqala futhi osemncane uBridget Mangwandi (20), okhale wemuka nesicoco salo nyaka emncintiswaneni wokupheka iMasterchef SA.
Kulolu hlelo olugoqwe ngoMgqibelo nobelukhonjiswa bukhoma kuS3, eKapa, uBridget ongowokuzalwa eZimbabwe, eHarare kodwa osezinze eGoli, ukhale wemuka nomklomelo kaR1 million.
Uthatha lesi sicoco nje uBridget ubebhekene noNabila Shamshum (23), waseJohannesburg, ophume isibili kwathi owesithathu kwaba uChanel Brink (34), waseThekwini.
Ekhuluma ngokudla kwakhe umhlanganiso uBridget uthe kufana nephupho namanje akakukholwa okumehlele.
“Ngithi kwabesifazane abamnyama abancane noma yini ingenzeka uma uphokophele phambili. Ngiyaziqhenya ngengikwenzile kulolu hlelo, ngoba bekungelula. Ngake ngalimala siqophisana lusephakathi kodwa ngabuya ngoba ngangazi ukuthi ngifunani, ngazimisela kwaze kwaba sekugcineni. Angizisoli ngokuthatha leli thuba, ngenza konke ukuthi ngipheke ukudla okujabulisa amajaji ngempela ngaphumelela,” kuchaza yena.
Uthe akufisayo ukuthi ukuwina kwakhe kukhuthaze nabanye besifazane abasebancane.
“Ngiyanxusa ukuthi abesifazane abamnyama bawathathe amathuba, babhukule ngoba empilweni kudingeka uyilwele into oyifunayo. Mina bengihlala ngizitshela ukuthi noma iliphi ithuba eliqhamukayo ngizolithatha, futhi lokho kungisebenzele ngakho nabanye abaphume bathathe amathuba ahlukene,” kuchaza yena.
Uthe manje ubheke phambili ekutheni akhule kulo mkhakha wokupheka.
AbakwaSABC bamemezele ukuthi yize lolu hlelo seluphelile kodwa kusuka ngoNovemba 30, kuzobonakala iziqephu ezintsha eziyisithupha lapho kuzobonakala khona osaziwayo beqhudelana kwiCelebrity MasterChef, ezokhonjiswa ngo8.30, kuS3.
Usaziwayo ozodla umhlanganiso naye uzohamba no-R1 million azowunikela esikhungweni sezintandane azozikhethela sona.