UMDLALO weshashalalazi oxoxa ngomlando waKwaZulu, iKing Cetshwayo Musical, uzomele elakuleli emcimbini we-35th Maitisong Festival, eBotswana.
Lo mdlalo weshashalazi onabalingisi abangu- 28, kulindeleke ukuthi ubukwe yizinkumbi zabantu abathanda ezobuciko ngo- Agasti 28.
UMqondisi weKing Cetshwayo Musical , uJerry Pooe, uthe kuyabajabulisa ukuthi bakhethwe ekutheni babe yingxenye yamaciko azobe ekwifestiveli. Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi bashiya isigxivizo kubo bonke abantu abazohambela umcimbi.
Uthe bakholwa ukuthi lokho kuzokwenza ukuthi abantu abazifela ngobuciko bathole ithuba lokuqondisisa kangcono ngempilo nomlando wesizwe saKwaZulu.
“Uma sesibuya eBotswana, siya ePlayhouse, eThekwini. Umdlalo uzokhonjiswa izinsuku eziyisihlanu kusukela ngoSepthemba 6 kuya kumhlaka 10. Abantu abalindele ikhono eliyisimanga nomculo ozobashiya befuna impinda,” kusho uJerry.
Uthe ukholwa ukuthi imidlalo yeshashalazi ekhuluma ngomlando isemqoka futhi kumele isizukulwane samanje sifundiswe ngobumqoka bokwazi imvelaphi yazo. Uthe yingakho benqume ukuthi bavumele nezikole ezahlukene ukuthi zibe yingxenye yezithameli zomdlalo.
Echaza ngezinsuku nezikhathi zokungena uthe, abafundi bangena ngo-10 ekuseni nango-12 emini, kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu. Ithikithi lokungena uR50 umfundi emunye.
Abadala bangena ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku, ngoMgqibelo ngo-2 ntambama nango-7 ebusuku. NgeSonto kuzongenwa ngo-2 ntambama kuphela.
Amathikithi adayiswa eWebticket, ePlayhouse kanti abiza uR100.