UKUNGENZI kahle uma kuziwa kubabukeli kusukela uqala umdlalo iChampions, ekhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nesonto, yikhona okuphoqe ukuthi kuqedwe ngawo.
AbakwaMultichoice eminyakeni edlule baveza ukuthi imidlalo ewuchungechunge ngeke besahlala nayo isikhathi eside ngoba igcina ingenzi kahle.
Umdlalo iChampions, oqale kulo nyaka, ubophele abalingisi okubalwa kubo uJo-anne Reyneke, Sello Maake ka-Ncube, Tumisho Masha, Kwenzo Ngcobo, Kgomotso Christopher nabanye.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi ngonyaka ozayo miningi imidlalo okulindeleke ukuthi iqedwe, kusungulwe emisha.
“Njengoba sekumenyezelwe, iChampions izophela kanti kuzolandela neminye okukhona kuyo uMkhokha neGqeberha, nayo ezophela,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi abaphathi bahluleke ngisho ukubekezelela ukuthi kuvuselelwe isizini yesibili yomdlalo, bawuqeda njengoba selokhu kwaba nzima kusukela uqala.
UShirley Adonisi obhekelele izinhlelo zakwaM-Net kuleli esitatimendeni, uthe okuseqhulwini ukujabulisa ababukeli.
“Uma kuziwa esikhathini esibalulekile sasebusuku, la abantu abasuke sebebuka khona ithelevishini kakhulu, sifuna ukuqinisekisa ukuthi ababukeli bethu baba nezinhlelo ezibajabulusayo futhi ezikhulumisayo. Manje sisezinhlelweni zokwenza izinhlelo nemidlalo ejabulisayo, zonke zizoqala ngonyaka ozayo, kulesi sikhathi engisanda kusisho,” kuchaza uShirley.
Uthe bayabonga kubalingisi nabasebenzi benkampani ebiqopha umdlalo, iTshedza Pictures, abaxhasi nabakhangisi.
Kulindeleke ukuthi isiqephu sokugcina seChampions sikhonjiswe ngoJanuwari wonyaka ozayo.
Khonamanjalo: Ukhuza ibuya umdlalo iMuvhango, obese kuphele inyanga ungakhonjiswa kwiSABC2.
IMuvhango yama ukukhonjiswa emuva kokuvela kwezindaba zokuthi abalingisi abaholile, baduba bangasebenza.
NgoLwesihlanu, kwethulwe abalingisi abasha bomdlalo kwase kuvela izindaba zokuthi uzokhuza ibuya maduzane.
Umsunguli womdlalo osukhonjiswe iminyaka engu-27, uDuma Ndlovu, uveze ukuthi akukho okuzoshintsha ngawo yize usubuya nokuhlukile.
Kubalingisi abasha okulindeleke ukuthi babonakale kubalwa inkakha yomlingisi uLeleti Khumalo, ozolingisa indawo kaDkt Nonhlanhla Ximba.