IZIMBONGI azikahlonishwa ngendlela efanele ngenxa yokuthi umsebenzi wazo uthathwa ngokuthi ufanelwe yimicimbi ethile kuphela, okwenza zibukelwe phansi kunamanye amaciko.
Wukuqaphela lokho ngale ndima okwenze imbongi yodumo lwezinkondlo zothando, uNue Sam, yenza izinkondlo iphelezelwa yizinsimbi zomculo ukuze idobe iso labahleli bemicimbi.
“Yilokho engikhuthaza namanye amaciko ahaya izinkondlo njengami ukuthi angakubukeli kude, enze ukuthi umsebenzi wawo wobuciko uhlonipheke ukuze angashaywa ngesithende emicimbi eyahlukene yobuciko egcwele abaculi,” kusho yena.
Le mbongi egqame eminyakeni eyisithupha edlule ngenkathi iqala ukusebenza noSjava, idalule nokuthi izinto ziyihambela kahle okwamanje, njengoba iphimbo layo lisanda kuzwakala ihaya inkondlo yesikhangiso somdlalo ongeminye yegaleleke kwezwakala kwiNetlix, othi Blood Legacy.
“Lokho kuwubufakazi bokuthi umsebenzi wami uyabonakala, njengoba usukwaze ukuheha nabantu baphesheya kwezilwandle, bafisa ukusebenza nami. Kuyangikhuthaza futhi ukuqhubeka nobuciko bami, ikakhulu ngoba nakuba ngichuma endimeni kodwa ubuciko nje jikekele akulula neze,” kusho uNue Sam.
Udalule nokuthi manje uhlela ukukhipha i-extended playlist (EP) ngoDisemba, esihloko sithi UNonyezi, enezingoma ezinhlanu, acula futhi ahaye kuzona. Kumanje usematheni ngengoma ethi Ungenzani, ayishaya no-Imacsoul neqembu Izicholo, engenye yezizobe zikule EP asebenze kuyona no-Ubeyond, Fistola Inecut, Maxwell Baloyi, Mshadow nomculi kaMaskandi uMzukulu.
UNue Sam udabuka eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal. Igama lakhe lokuzalwa nguNosipho Khuzwayo. Usebenze kakhulu noSjava, ayesayine enkampanini yakhe i-1020 Cartel kusukela ngo-2019 kuya ku-2022, lapho anquma ukuzimela khona. Manje unenkampani yakhe iNokhanyisa Entertainment namacwecwe amabili, okungethi Sipho EP ngo-2022 neNokhanyisa ngo-2023.