USOMABHIZINISI waseThekwini owagqama kakhulu eNingizimu Afrika ngohlelo lwempilo yakhe uNksz Shauwn Mkhize wethule incwadi yakhe yokuqala.
Lo somabhizinisi odume ngelikaMaMkhize uhlanganise umndeni wakhe, osaziwayo nabezindaba emcimbini obuseCity Hall enkabeni yedolobha ngoLwesihlanu ebusuku.
Ungena nje eCity Hall, uhlangatshezwa izimoto zikanokusho nokuyinto yokuqala efakazela ubukhulu bomcimbi kanjalo nomnikazi wawo. Isimemo sikubeke kwacaca ukuthi abazohambela umcimbi kufanele bagqoke okumnyama. Sihlonishwe yiwona wonke umuntu lesi sicelo ngoba ububona ngezintokazi ezifana noBaby Cele, La Conco, Lady D ngisho nelamba lidlile elinguMihlali Ndamase, bebahle beconsa ngezingubo zabo ezimnyama.
Izinsizwa bezidle amnyama amasudi, zikhona nezinsizwa ezimnkantshubomvu oDuma Ndlovu, uMandla KanoZulu kanjalo nomnikazi waMaZulu uMnuz Sandile Zungu .
Abaziyo bathi umcimbi umnandi ngokudla, iziphuzo, amancoko ngesikhathi kusalindwe usingaye. Akekho ongazi ukuthi lapho kukhona khona uMaMkhize kusebukhosini uqobo.
Ukudla neziphuzo kukuhlangabeza usangena ngomnyango uze waqala impela umcimbi sisina sizibethela, kunesiphuzo esithathe abaningi esiqanjwe ngelithi, Billy my Son. Ngisicelele uzakwethu ngifuna ukubona ukuthi sinhloboni. Kungithokozisile ukuzwa ngesikhathi uhlelo seluqalile ngizwa umlando ngalo leli gama ukuthi kwakuyisiteketiso sikamnewabo osendela kwelokhokho uSbu Mkhize.
Usingaye obekhazimulo ngeluhlaza ingubo nobucwebe, uthole ithuba lokuthi fahla ngeziqephu ezimbalwa kule ncwadi ezithole indawo enhliziyweni yakhe. Kulo lolu hlelo lokuhlaziya incwadi, kuvuke umunyu ngesikhathi uDokotela Nozipho Ngubo ongudadewabo kaMaMkhize echaza ngobunzima abakhulele kubona yize abazali babo babecebile. Ubunzima bempilo ngesikhathi sobandlululo babudalwa wukuthi ikhaya lakubo laliyisizinda sempi kwazise uyise nonina babeyizishoshovu ezazihola impi yokulwa nobandlululo.
“Udadewethu wayengumuntu ophansi, enozwelo, lokhu ngangikusebenzisa uma ngimgcona ngilala ngithule sengathi ngifile. Kwakuthusa lokhu abikele umama owayevele angithethise. Ngiyajabula ukubona udadewethu ekhule waba ngumuntu obukhali, okwaziyo manje ukumelana nezimo ezehlukene, yimina manje osebonisa ubuthaka njengoba iminyaka isihambile,” kusho uDkt Ngubo.
Ukufundwa kweziqeshana ezimbalwa zale ncwadi esisezitolo ngoR260, kunikeze abantu isithombe esicacile ngobunzima adlule kubo uMaMkhize ekhula yikona okumnike isibindi nogqozi lokuzihlahlela eyakhe indlela eya empumelelweni. Ngemuva kokuhlaziywa kwencwadi kumenywe abambalwa abashiyelane inkundla behalalisela le ntokazi yakoGcwabe ngomsebenzi wayo omuhle kangaka.
Kube kuhle ukubona abantu abafana nevulandlela labesifazane ebholeni umama uMato Madlala encoma le ntokazi esiyimbangi yakhe ebholeni njengowesimame okhuthele, onomfutho nokuzethemba, yize eveze ihlaya lokuthi ukuzethemba nokuzazi kwakhe uMaMkhize kukhona lapho okungazange kumsebenzele khona, nokuthi igama lakhe aliyivuli yonke iminyango. Okuhlale obala ngenkulumo kaMato wukuthi lapho kudlule khona uMaMkhize kusala kugeleza umoya wenjabulo nethemba lempilo engcono.
Lo mcimbi uvuselele abaningi, nezinjinga ezifana noMnuz Vivian Reddy othe uzothenga ikhulu lezincwadi anikele ngazo emantombazaneni asakhula ukuze akhe kulo mthombo wolwazi nawo akhuthazeke ukuzakhela ikusasa eliqhakazile.