INKAKHA yomlingisi uThembi Mtshali-Jones ithi uma ibheka emuva lapho isuka khona empilweni izwa ubuhlungu bodwa.
Ukusho lokhu ngemuva kokuhlonishwa ngendondo iLiving Legend kwiNational Theatre Festival esedolobheni iNorth Carolina, e-USA.
Umcimbi, oqale ngoMsombuluko, uzophethwa kusasa lapho kuhlonishwe khona amaciko ahlukene okubalwa kuwo abasiki bengqephu, abaqondisi nophrojusa bemidlalo ehlukene nonjiniyela kwezethelevishini emhlabeni wonke.
Ebhala ezinkundleni zokuxhumana uThembi uthe njengomuntu wesifazane uyaziqhenya kakhulu ngokuhlonishwa ngendondo.
“Empilweni ngibona
amaphutha nobuhlungu benhliziyo. Kodwa uma ngimile ngizibuka esibukweni ngibona owesifazane onamandla ofunde isifundo ngokuningi adlule kuko futhi oziqhenyayo ngomsebenzi wakhe. Nginifisela inyanga yembokodo enhle,” kusho uThembi.
UThembi ubongelwe ngabantu abaningi efaka isithombe ephethe isitifiketi ahlonishwe ngaso.
Nakhona ezinkundleni zokuxhumana selokhu kuqale uchungechunge lokuhlonishwa kwamaciko, uThembi ubelokhu eqhubekile nokufaka izithombe eshutha nabalingisi abahlukene bakwamanye amazwe.
Ekhuluma nephephandaba i-Sowetan, uThembi uthe ukudlala kwengoma eyibika lomdlalo Imbewu ngesikhathi ehlonishwa ngendondo kumenze wafikelwa yizinyembezi.
Ngesikhathi eyizwa ingoma wacishe wawa esihlalweni futhi eseyomukela indondo wasukuma walilizela.
UThembi wazakhela igama ngokulingisa emidlalweni okukhona kuyo iSgudi ‘Snaysi neStokvel. NoMengameli Cyril Ramaphosa naye umbongele uThembi ngokuhlonishwa.