Hlehla bheseni, linda indoda ikushele uma ikuthanda!
MAQWABE, kunobhuti engimthanda ngendlela exakile. Akakaze angishele futhi asibonani njalo kodwa siyaxoxa kwi-WhatsApp. Akuve engibiza kamnandi kodwa lutho ukungishela. Ngenze njani sisi, ngimtshele indlela engizizwa ngayo noma ngilinde yena?
Impendulo
NGIYETHEMBA ukuthi njengoba uhalela leyo ndoda nje, awunaye umuntu othandana naye. Nokuthi nayo ngokunjalo ayinaye. Phela uma ninabo abantu benu, kungakuhle nigxile kakhulu kubona ngaphambi kokuthi ningene esilingweni. Kungakuhle futhi uzame ukubamba ihhashi lakho sisi ngoba ukuveza imizwa yakho kule ndoda ungase uphoxeke.
Mhlawumbe izokubuka njengomuntu wesifazane olula futhi othanda amadoda bese iyakuxhaphaza bese uyakhala. Uma ikuthanda nayo yilinde izokutshela.