BAVALE izinkulumo ebese zisabalele ezinkundleni zokuxhumana zokuthi bayathandana abaculi baKwaZulu-Natal, u-Azania noBig Zulu.
Bamemezele ukuphuma kwengoma ethi Amacala Othando ezophuma ngoLwesihlanu oluzayo.
Bathi le ngoma izohambisana kahle nenyanga yothando uFebhuwari.
Ikhuluma ngabantu ababili abebenezinkinga othandweni kodwa ngenxa yokuxhumana kwabo bazinqoba.
Ekhuluma ngayo u-Azania uthe abantu bazozwa umculo oveza ukuthi noma izinkinga zothando zingaba zingakanani kodwa uma nibambisene ningazinqoba.
“Ingoma ikhuluma ngomshado osuphelile, lapho indoda imenzela konke owesifazane ethandana naye kodwa izizwa ingabongwa ngendlela efanele. Umculo onokuphikisana phakathi kwabantu ababili beveza ukungajabuli kwabo,” kuchaza u-Azania.
Uthe ekupheleni kokuzwana kwabo, bayafunga ukuthi ngeke baze bahlukane futhi kuba nezithembiso abazenzayo ukugcina uthando lwabo luqinile.
"Ukusebenza noBig Zulu kimi kube yinto engingeke ngize ngiyilibale kalula. Uyiqhawe manje emculweni wakithi, bese kuyiminyaka ngifisa ukusebenza naye - lelo phupho selize lafezeka,“ kuchaza yena.
UBig Zulu uthe izingoma eziba nomlando kuleli ngesinye isikhathi yilezi ezikhishwa kungazelele muntu.
“Ngiyakholelwa ekutheni le ngoma izogila izimanga ngenxa yokuthi siyikhiphe abantu bengayilindele. Ngiyathemba ukuthi izothakaselwa abaningi. njengoba nathi sobabili kube mandi ngesikhathi siyenza.
“Injabulo ebesinayo siyenza, isicacisele ukuthi senze ingoma ezoshisa izikhotha. Kungishiye ngimangele ukwenza ingoma nale ntokazi esencane enekhono elimangalisayo neveze ukuthi ingenza izinto ezehlukene ngephimbo layo. Sengilinde ukuthi wonke umuntu ayilalele le ngoma,” kuchaza yena.
Laba baculi bathe sebeqalile ukushutha i-video yengoma futhi sebeke bakhipha izithombe zayo ezidonse amehlo abaningi.