SEKUQUBUKE umsindo phakathi kukaLethu Ndlovu, ongumhleli wemicimbi waseBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal, nentandokazi yomculi kamaskandi uMphiliseni Gumede, odume ngelikaSminofu. Imbangela yomsindo wukungafiki komculi emcimbini nokungayibuyisi imali ayekhokhelwe yona ukuthi azonandisa kuwona.
Elandisa Isolezwe Ngempelasonto ngodaba, uLethu uthe wayeqashe uSminofu ukuba azonandisa emcimbini waminyaka yonke Okhahlamba Music Experience, obungoDisemba 21, bavumela ngenkokhelo kaR20 000 ukuthi azonandisa kuwona.
“Ngamkhokhela uR17 000 ukuqinisekisa ukuthi uba khona emcimbini, savumelana ngokuthi uR3 000 osele wayezowuthola ngaphambi kokuthi angene esteji ngosuku lomcimbi. Kuthe sekumele afike emcimbini, wangabe esalubamba ucingo, kwaze kwasa waphela umcimbi, singazi ukuthi uvinjwe yini ukufika.
“Inkinga iqale uma sesimcela ukuthi asibuyisele imali ngoba akafikanga emcimbini esasimkhokhele ukuthi anandise kuwona, wabuyisa uR10 000, wala waphetha ukukhokha ingxenye kaR7 000 osele. Wazeseka ngokuthi uzoyigodlela ukuthi ngaphambi komcimbi, wenza ividiyo yokumaketha umcimbi, okungasisizanga kangakho thina ngoba akabanga khona emcimbini, kwalimaza igama lomcimbi wethu ebantuwini abebembheke ngamehlo abomvu kuwona,” kulandisa uLethu.
Isolezwe Ngempelasonto liyibonile ingxoxo ephakathi kukaLethu noSminofu bephikisana kuWhatsApp ngodaba. Ikhona nemininingwane yasebhange ekhombisa inkokhelo kaR17 000, okhokhwe izikhawu ezine, kanjalo nekaR10 000 okhokhwe nguSminofu.
Kuthintwa uSminofu ukuthi aziphendulele ngezinsolo, udalule ukuthi yena ubexhumana nensizwa edume ngelikaKiosi, eyayicelwe abahleli bomcimbi ukuthi imthinte ukuza kulo mcimbi, anandise kuwona. Uthe kuyamxaka ukuthi kungani uma sekunokungaboni ngaso linye nokuphambana kwemibono, sekuvela abahleli bomcimbi, abangakaze baxhumane naye ngenkathi kusahlelwa indaba yokuthi anandise emcimbini.
“Ngachaza kulo muntu (esho uKioski) ukuthi angikwazanga ukufika emcimbini ngenxa yokuthi kwakunemicimbi eminingi engangimenywe kuyona ngalelo langa, kwaze kwasa ngihamba, ngangabe ngisakwazi ukufika emcimbini wabo. Ngibabuyisele uR10 000, ngase ngibatshela ukuthi kulo R7 000 osele, wuR2 000 kuphela imali engingababuyisela yona, bese ngigodla uR5 000 ngoba ngaphambi komcimbi, ngenza ividiyo yokubamakethela umcimbi wabo, savumelana kanjalo nomuntu engangixhumana naye ukuza emcimbini. Nalapho futhi ngangibenzela umusa ngoba uR20 000 akuyona imali engiqashwa ngayo emicimbini. Konke lokhu okwenzekayo ngikubona kuyimizamo yabo yokudicilela igama lami phansi,” kulandisa uSminofu.
Kuthintwa uKiosi ukuthi acacise akwaziyo ngalolu daba, ucingo lubanjwe ngozibize ngomfowabo omncane, wathi okwamanje yena akatholakali ocingweni ngoba usafelwe wucingo, nokuthi akulula ukuthi axhumane ngenxa yokuthi abahlali ndawonye.