UNQUNYELWE ugwayi katiki udadewabo wenkosi yakwaMaphumulo KwaFelekisi okuthiwa usaqhubeka nokubeka abantu endaweni ekubeni engaselona ibamba lobukhosi.
UNksz Thembisile Virginia Maphumulo okuthiwa ubeyibamba lobukhosi esizweni saKwaMaphumulo wafaka amaphepha enkantolo ngo-2013 ephikisa ukuqokwa kukamfowabo wakwenye indlu, uMnuz Nkosinathi Maphumulo, okunguye owabekwa ukuthi abe yinkosi yalesi sizwe ngo-2012.
UMnuz Sandile Ngcobo woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, obezochazela umphakathi wakulesi sizwe emhlanganweni womphakathi obusehholo KwaFelekisi izolo, uthe umnyango wazi ukuthi inkosi nguMaphumulo.
Uthe ngemuva kokuhlangana komndeni owaqoka uMaphumulo, igama lakhe labhalwa emqingweni wezindaba zikahulumeni ngo-2011. Ngonyaka olandelayo umnyango wamnikeza incwadi yokumqoka ngokusemthethweni.
“Siyazi ukuthi njengamanje kunodaba olusenkantolo oluthinta bona ubukhosi. Uma kunesimo esinjalo kusuke kusho ukuthi isimo sihlala sinjengoba sinjalo kuze kube wukuthi inkantolo ithatha esinye isinqumo. Uma sekunoshintsho siyobuya sizonazisa. Umthetho olawula abaholi bomdabu uthi abazenza abaholi bomdabu kumele babhekane nomthetho. Nalapha uma kusekhona abantu abazenza izinduna noma abazibiza ngamakhosi bengeyena uMaphumulo bazothathelwa izinyathelo zomthetho,” kusho uNgcobo.
UMaphumulo uthe udadewabo akakaze abe yinkosi kodwa wayebambele umfowabo uMnuz Baba Edward Maphumulo owashona. UNksz Maphumulo nomfowabo uthe bazalwa yinkosi uPhikaziwa ongumfowabo wakwenye indlu owashona ngo-1949. Ngesikhathi eshona uthe wayengenayo ingane yomfana. UNksz Maphumulo nomfowabo uthe bazalwa eseshonile.
Ngemuva kwakhe uthe ayizange ibekwe inkosi bekuhlale kunamabamba. Ngo-2010 uthe umndeni wahlangana wavumelana ngokuthi ubukhosi abubuyele endlini kaWoji uMaphumulo azalwa kuyo.
“Nami angimdala kwethu kodwa umfowethu wathi akathandi ukuba yinkosi futhi nomndeni wawuvele uqoke mina. Udadewethu akazange abe yingxenye yalezi zingxoxo ngoba akazalwa ebukhosini, uNdlunkulu wamthola ‘eyotheza’. Anginankinga ngokuthi ayozizamela enkantolo kodwa okwamanje akayona inkosi futhi akalona ibamba, incwadi echaza lokhu wayithola
ngo-2011,” kusho inkosi uMaphumulo.
UMaphumulo uthe kunabantu abavimba ukufakwa kwepayipi lamanzi elifakwa uMngeni Water ngoba bethi inkosi yabo ayazisiwe.
“Mina njengenkosi yesizwe ngasayina ukuthi leli payipi alifakwe ngoba elafakwa eminyakeni engu-40 eyedlule selinezinkinga. Uma laba bantu bevimba ukufakwa kwepayipi kuzoholela ekutheni amanzi angangeni edamini abantu bangawatholi amanzi,” kusho inkosi.
UMnuz Mandla Msomi osekomitini lokuthuthukiswa komphakathi uthe izinkinga zobukhosi bakwaMaphumulo ziphazamisa ukulethwa kwentuthuko kule ndawo.
Eziphendulela uNksz Maphumulo uthe akukho okuningi angakuphawula ngokuthi uzibiza ngenkosi noma qha ngoba abomnyango bangabangani bakamfowabo.
“Engingakusho wukuthi inkosi iyazalwa, umfowethu kumele anitshele ukuthi uzalwa iyiphi inkosi,” kusho uNksz Maphumulo.