INTOKAZI engumlingisi womdlalo Isithembiso, nephinde yethule izinhlelo zakwaMTV Base, uFarieda Metsileng odume ngelikaPharoahfi, ithe maduze izobonakala kuZalo
.
UFarieda engxoxweni abe nayo neSolezwe uveze ukuthi kube yinto enkulu kuye ukujoyina lo mdlalo othathwa njengeminye emikhulu kuleli.
Uthe yize engeke ande ngendawo ayilingisayo njengoba efuna ukuthi abantu bayiqonde kahle angakhulumi ngayo kodwa bayibone eseyilingisa.
“Ngisho igama lami kulo mdlalo nokuthi ngizobe ngingena kanjani ngifuna kube yinto enizoyibona seyenzeka. Angiyena lo muntu okhipha lonke ulwazi ngenxa yokuthi abantu ngifuna bangazi ukuthi ngiwubani futhi ngizokwenzani uma sebengibona emdlalweni ukuze bamangale,” kuchaza yena.
Uthe Isolezwe yiphephandaba lokuqala ukuzwa lezi zindaba ngoba ubone sekufike isikhathi sokuthi axoxe ngokuba yingxenye yalo mdlalo.
“Ukuba sesifundazweni iKwaZulu-Natal nokuba semdlalweni ogxile olimini lwesiZulu kimi kube yisifundo kakhulu nokuthi ngenze into ehlukile kunengiyijwayele njengoba emkhakheni wobumnandi bengisagxile lapha eGoli kuphela ngingakaze ngiphumele ngaphandle,” kuchaza yena.
Kulo mdlalo okusanda kuqala isizini yesihlanu kulindeleke ukuthi babe baningi abalingisi abasha kuwo njengoba sebekhona abanye ngemuva kokuhamba kukaNokuthula Mabika, Nay Maps, Glen Gabela nabanye.