INDODANA yempunyela yakuleli, uMnuz Robert Gumede, iqhamuke emehlweni abantu kwazamazama izinkundla zokuxhumana. Phela abantu bebengazi ukuthi igama elithi Sim Dope nokuyigama lenye yezingoma zika-AKA ngelomuntu ophilayo.
Le nsizwa yawaGumede ogamalakhe langempela uSimphiwe, ishiye abaningi bengawuvali umlomo ngesikhathi inandisa enkonzweni yesikhumbuzo yomngani wakhe omkhulu u-AKA ngoLwesihlanu ntambama, eSandton Convention Centre eGoli.
Ngesikhathi ezokwethula inkulumo yakhe uSim, kuvele kwadlalwa ingoma eyaqanjwa ngaye kwachwaza inkundla wonke umuntu edansa. Le ngoma yayiyingxenye ye-albhamu ka-AKA yango-2014, futhi ngeye yezingoma zakhe ezazihamba phambili..
Kule ngoma kunomucu othi: Uma ngifa ngiyathandaza ukuthi uNkulunkulu angibuyise kuSim Dope.
USimphiwe uchazele abebehambele le nkonzo ukuthi walithola kanjani leli gama.
“Ngangisanda kukhushulelwa eqenjini eliphezulu lebhola lombhoxo esikoleni. Kwakuyisikhathi esimnandi kakhulu futhi kuyinto enkulu kakhulu kubantu abaningi ngaleso sikhathi. U-AKA naye wayengincoma ethi sengingumuntu omkhulu manje kodwa igama elithi Simphiwe kalinasisindo, kalithusi ngidinga manje igama elizonginika isithunzi,” kusho le nsizwa yakwaGumede.
Uthi watshela lo mrepha ukuthi njengomuntu ohlezi ebhala izincwadi zothando akamkhethele igama elimfanele. Laqhamuka kanjalo elikaSim Dope.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bancome ubungani babo, yize bebabaza ukuthi babengazi ukuthi leli yigama lomuntu ophilayo.
@GobhaNicholas: “Bengingazi ukuthi uSim Dope wumuntu wangempela.”
@SenatlaRamatla: “U-AKA usikweleta incazelo ngokungasitsheli ukuthi uSim Dope wumuntu ophilayo futhi ngumngani. Sasidansela le ngoma sizitshela ukuthi ukhuluma nge-Simkhadi yeselula.”