UMCULI we-Afro pop, uZandie Khumalo, udalule ukukhulelwa kwakhe wabe esehlonipha nengane yakhe ezayo, ngengoma.
UZandie uxoxisane neSolezwe ngeSonto ngenjabulo yakhe, wathi sekuseduze ukuthi abusiswe ngomntwana wakhe asemqambe igama likaZenala, nokuyisihloko se-EP yakhe entsha esanda kuphuma.
“Ngithathe isinqumo sokuthi i-EP yami ngiyibize kanje, ngenhloso yokuhlonipha umntwana wami ozayo. Okungijabulisayo ukuthi uzofika ngesikhathi ebengivele ngikuhlelile ngaso ukuthi ngiqale umndeni. Kwakuyisifiso sami ukuthi ngiqale ngishade bese ngihlala noma yiminyaka emihlanu ngaphambi kokuqala umndeni.
“Benginganakile kodwa ngithe uma ngibheka ngathola ukuthi iminyaka ebengizibekele yona ukuqala umndeni isihlangene. Yingakho ngithathe isinqumo sokuhlonipha umntwana wami ngengoma ngoba vele ufike ngesikhathi engimlindele ngaso,” kuchaza uZandie.
Uthi wenze isiqiniseko sokuba yingxenye yokuphrojuswa kwe-EP yakhe iZenala, ngoba ubefuna ukuthi kuphume umsebenzi ozojatshulelwa nayingane yakhe uma isikhulile ngoba inhloso ukuhlonipha yona. Kwi-EP uthe kunengoma ayibiza ngoZenala, ayibhekise kumntanakhe.
Uveze ukuthi yize kuseyi-Afro pop ayenzile kodwa i-EP, ihluke kakhulu emculweni ajwayele ukuwukhipha ngoba ubeyenze ngokukhethekile.
Kubantu asebenze nabo uthe, kophrojusa kusekhona uLindani Gumede enze naye ingoma iKwanele, Mojalefa “ Mjakes” Thebe wapika abaculi abehlukene okubalwa uSneziey, uMzumbe Inspirational Choir, Sicelo Gowane noMaqhinga Radebe.
Uthe usanda kwenza nevideo yeculo lakhe iStill Gratefull apike kulona uMzumbe Inspirational Choir noSneziey futhi izovela maduze eziteshini zethelevishini.
UZandie uhambe ezinyathelweni zikaDJ Zinhle, osanda kudalula ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukhulelwe.