IQALE phansi impi yamazwi phakathi kwabaculi ababegidela futhi beculela amaqembu esihlabani sikamaskandi esingasekho, uMgqumeni "Idlamanzi" Khumalo.
Umsindo usuke emuva kokuba abazala bakaMgqumeni, uNelisani "Ndlemnyama" Mseleku, noSakhiseni "Skhevane" Mseleku bebonakale ohlelweni lweMzansi Magic ngoLwesithathu, bechapha ngenhlamba uKhangelani "DSD" Mhlongo.
Bobabili emculweni abazibiza ngaBafana BakaMgqumeni.
UNdlemnyama uzwakala ebiza uDSD ngomthakathi owafakela Abafana BakaMgqumeni isigcwagcwa emisakazweni, ezinkampanini zomculo nakubahleli bemicimbi. Uthe uDSD wayekhuluma kabi ngabo ethi bagweve namafa kaMgqumeni. Eziphendulela uDSD uthe wathatha isinqumo sokungaphinde aphendulane noJezekhulu (okuyigama Abafana BakaMgqumeni ababuye baziteketise ngalo) mhlazane bechaphe unina ngenhlamba.
"Lezi zigubhu ngayeka ukuzinaka ngesikhathi zithuka umzali wami, kwaze kwathinteka umndeni. Ngathatha isinqumo sokuphuma kuzona. Kodwa-ke iselesele uma selingene endlini, ngiye ngilikhahlele liyowela le kude ngoba liyenyanyeka," kuphetha uDSD ongumholi woSaziwayo.
Laba baculi babengamathe nolimu emuva kokudlula emhlabeni kukaMgqumeni ngo-2009. Ngonyaka olandelayo baqhubeka neqembu likaMgqumeni, Amagcokama. Kwakucula phambili uDSD futhi esithombeni se-albhamu, ushuthe noJaiva Zimnike noNdlemnyama.
Emuva kokukhipha amacwecwe amabili, elithi Uhlal' Ekhweni nelithi i-Overload, lahlakazeka iqembu. UDSD noJaiva Zimnike bashiya phansi basungula Osaziwayo. Okwalandela lapho kwaba ukugadlana phakathi koSaziwayo naMagcokama, ayeseholwa nguMkholwane Langa owagcina ekhonjwe indlela). Kushube kakhulu ngesikhathi Osaziwayo bekhipha ingoma ethi Udumo.
Yabacasula kakhulu leyo ngoma Abafana BakaMgqumeni kangangoba babe sebephendula ngeyayithi Inj'Eyixhonti (Amagcokama), lapho besola uDSD ngokuba nesandla ekufeni kukaMgqumeni. Yingoba uDSD wasuke wathi ubizwa ngombulali ngenxa yokuthi umphefumulo kaMgqumeni waphumela ezandleni zakhe. Isolezwe ngoMgqibelo, lathola ukuthi uMgqumeni washonela emotweni eyayimphuthumise enyangeni futhi ayesele kuyo noDSD. Eminyakeni edlule bese kwehlile ukungcofana phakathi kwala maqembu njengoba Osaziwayo bese bengcofana noKhuzani, ekubeni Abafana BakaMgqumeni besebegxile kwezinye izimbangi.