YIZE iqembu lomculo laseMnambithi, iBlaq Diamond, lihambela phezulu kulezi zinsuku emuva kokunqoba inkampani ebeliqopha ngaphansi kwayo, i-Ambitiouz Entertainment eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoMsombuluko kodwa yona ithi nakuba isamukela isinqumo senkantolo kodwa ngeke iyephansi ingandlalelwe. Esitatimendeni esinameke ekhasini layo likaFacebook, i-Ambitiouz Entertainment ithe icala izolidlulisela phambili.
"i-Ambitiouz Entertainment iyasemukela futhi iyasihlonipha isinqumo. Nakuba singasivumanga kodwa siyasihlonipha isinqumo sejaji elihloniphekile. Kusemqoka ukuba sisamukele futhi sisihloniphe isinqumo esithulelwa sona." Uthe abazogcina ngokuhlonipha isinqumo kodwa bazobuye bahambisane naso ngendlela efanele. Yize kunjalo kodwa lenkampani ithe ngeke ithule, isonge izandla kodwa izosiphonsela inselelo ngokuzama ezinye izinyathelo zomthetho ngenhloso yokusidlulisela phambili.
"Sikholelwa ukuthi kubalulekile ukuba sisebenzise ilungelo lethu lokusiphonsela inselelo ngenhlonipho futhi sifune incazelo." Siqhuba isitatimende sithe njengoba ijaji liyalele i-Ambitiouz Entertainment ukuba ingavimbi umculo obhalwe yiBlaq Diamond kusukela ngoJuni 15,2022 izimisele ukuhlonipha leso sinqumo.
Nakuba kunjalo lenkampani ithe isazoqhubeka ngeke iyivumele iBlaq Diamond ikhiphe kabusha izingoma ezenze ngaphambi komhla ka-15 Juni 2022. "Lokhu kubala nengoma ethi Qoma...Sizoqinisekisa abalandeli bethu nomphakathi ukuthi sizowuthobela umyalelo wenkantolo. Ezimnandi ngezithi simemezela ngentokozo ukuthi uyeza maduze umsebenzi omusha weBlaq Diamond. Sikujabulela kakhulu ukuphinda sabelane nomhlaba ngekhono nangobuciko babo," kuphetha isitatimende se-Ambitiouz Entertainment. Ekhasini layo likaFacebook lenkampani iyagadla kwiBlaq Diamond. Ithe iBlaq Diamond izama ukudla amandla ayo.
"Iculo elithi Qoma laqoshwa ngo-2020, selikhishwe njengengoma entsha yiBlaq Diamond. Kumele sigoqe izandla futhi samukele lokho ngoba abaculi bahlale bengaphambuki? Laba bantu bantshontsha izingoma esazikhokhela kodwa bazenza ezintsha. Uma siphethe i-master (copy), sizodedela," kusho i-Ambitiouz Entertainment. #isolezwengempelasonto