USEBENZISE imibhalo eyiziswana ukuveza izimo ezahlukene abhekene nazo umculi oselokhu athola ukugxekwa eveza izinsolo zokudlwengulwa omunye wozakwabo.
Yize sekuneminyaka uLady Zamar aphumela obala, wakhuluma ngezinsolo zokunukubezwa ngokocansi kodwa cishe zonke izinsuku uma enameka umsebenzi wakhe nezithombe, uchashwa ngenhlamba.
Lokhu kuthukwa, ukusolwa ngokuba namanga nokudicilela phansi isithunzi sikazakwabo, kwenze wathwala kanzima ngisho emculweni. Useqoqe zonke lezi zinto wathwebula isithombe esihlanganisa nemibhalo okubalwa nalaba abathi akavalwe emculweni angasekwa.
Lesi sithombe sisuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abanye besola ukuthi uwuqondise kubantu baKwaZulu-Natal. Babodwa ababambelele emagameni abo wokuthi soze bamxolela ngezinsolo aziveza.
ULady Zamar ngomunye wabesifazane umculo wabo owenza kahle nasezinkundleni zomculo okubalwa ne-albhamu yakhe yakamuva eyi-EP ethi Royal Flush.