UMCULI wegqom' uThobeka "Tipcee" Ndaba, uyalulama ekhaya emuva kwengozi yemoto emehlele ePinetown, eThekwini ngoLwesibili. Lo mculi udalule ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usinde engozini yemoto.
"UNkulunkulu mkhulu. Ngiyabonga ngothando nokulokhu ningiqalaza ngezingcingo ukuthi nginjani. Ngifuna ukubonga wonke umuntu ngothando nokungeseka. Ngiyakutusa kakhulu lokho. Kancane kancane ngiyelulama."
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi uTipcee ubehamba nabangani bakhe ngezintathakusa zangoLwesibili, begibele imoto yomngani wabo iFord Ranger ngesikhathi behlelwa yilesi sehlakalo.
Kuthiwa imoto yabo ishayiswe ngenye emarobhothini asezimpambanweni zemigwaqo.
UTipcee ube esephuthunyiswa esibhedlela esiseduzane ngenxa yokuthi ubegudluke inkomishi yedolo futhi waklwebheka nasedolweni lwangakwesokunxele.
"Ubethinteke kancane edolweni, emlonyeni nasekhanda. Ukhululwe esibhedlela ngoLwesithathu," kusho umthombo.