SIZONGCWATSHELWA emzini waso obizwa ngokuthi kuKwathanda Ongithandayo kwaJikijiki KwaMaphumulo ngoMgqibelo isilomo sikamaskandi uMjikijelwa “Ichalaha LikaShafuza” Ngubane.
Lokhu kudalulwe wumndeni waso othe ngokwezinhlelo zawo yonke into izokwenzelwa egcekeni kwakhe.
Umndeni uthe ngenxa yokuthi uMjikijelwa ubengumuntu wabantu wonke umuntu wamukelekile ukuza emngcwabeni wakhe wakuqinisekisa ukuthi akekho ozobe eze emngcwabeni ozophazanyiswa.
“Ongeke eze ozobe engathandi ngoba thina njengomndeni sivule izandla ukuthi wonke umuntu othanda ukuza eze ngoba uMjikijelwa ubengumuntu wabantu. Akekho futhi ozophazanyiswa eze emngcwabeni,” kusho uThembi Ngubane ongudadewabo kaMjikijelwa.
Ngezindaba ezithinta umculo kaMjikijelwa, uThembi uthe balinde kudlule umngcwabo bese bekhipha i-albhamu kaMjikijelwa obekulindeleke ukuthi iphume ngePhasika yaphazanyiswa wukugula kwakhe.
“Ubeseqedile ukuyiqopha ngisho nesihloko sayo sesikhona kodwa ngeke sisidalule okwamanje kuze kube kudlula umngcwabo wakhe. Lokho sikwenza ngenhloso yokumhlonipha ngoba naye ubekujwayele ukuthi aqale ngokuveza ikhava ye-albhamu ezinkundleni zokuxhumana isihloko asiveze kamuva,” kusho uThembi.
UMjikijelwa ubeqopha ngaphansi kwenkampani yakhe iMjikijelwa Music Production and Entertainment. Ngaphansi kwenkampani yakhe ubeqopha namaqembu akhe okungoMenzelwa, Amangcukumane, Ichalaha LikaShafuza kuphinde kube ama-albhamu abebizwa ngoMjikijelwa.
Abanye abaculi abaphuma esandleni sikaMjikijelwa umfowabo uMnikezwa, Phiwa Manqele, Dulas, Nhlanhla Mseleku, Amafikalishona, Indodakazi Yentandane, Mpilo Mkhwanazi, Lihle noMfani.
Amaqembu akhe uThembi uveze ukuthi asazoqhubeka abe khona njengoba sebekhethe uMnikezwa ukuthi ahole Amangcukumane. Abanye bathe basazohlela ukuthi azoholwa wubani. UMjikijelwa ubephinde abe seqenjini likamaskandi Ondabuzekwayo alibumbe noMthandeni Manqele no-Ali Mgube. Leli qembu selike laqashwa layocula phesheya kwezilwandle eNetherlands. Emazweni ase-Afrika uMjikijelwa useke wanandisa naseSwazini. Nasezindondweni useke wahlabana kumaSatma, Amantshontsho kaMaskandi namaSava.
Emculweni waphekwa wuMgqumeni Ibhova likaDikadika nalo elingasekho emhlabeni. Waqala egidela lona wagcina esephume wazimela ngo-2009. I-albhamu yakhe yokuqala ayikhipha ngo-2009 ethi Sihlupheke Sonke.