ISIHLOKO: 20th: Days Before Maud (Deluxe)
UMCULI: USimamane
UHLOBO: Rap/Trap
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
ILOKISHI uMlaza laziwa kakhulu ngokukhiqiza osaziwayo abaningi okubalwa kubo uMampintsha, Dumisani Dlamini neBig Nuz.
Nomrepha oshisa izikhotha kulezi zinsuku, u-Omuhlumnguni Simamane, ungomunye wabadabuka kuleli lokishi elilele isibili kwamakhulu kuleli.
Ngiqale ukuqaphela ikhono likaSimamane ngenoni alikhiphe kulo nyaka elithi Cheque. Ukuhlambuluka nje, ngiqale ngazitshela ukuthi ingoma kaNasty C kanti eyakithi. Angithi uSimamane noKhuzwayo yinto eyodwa.
Uyezwakala ukuthi ukhule elalela umculo woNasty C, Meek Mill noYoung Thug.
Ngaphandle kwalokho, yinsizwa eziqhenyayo ngemvelaphi yayo njengoba ezingomeni eziningi iqhakambisa uShembe. Uma ungangikholwa lalela ingoma kaSimamane ayenze noTony Dayimane ethi Bank.
Lo mrepha ulumbanisa umculo we-rap ne-trap kanye nesigqi seR&B kodwa yena uchaza umculo wakhe njengeFate Music ngenxa yokuthi uhlose ukukhuthaza abalahlekelwe yithemba.
Yingakho ngingashaqekanga uma lo mucu uhlabana ngomklomelo wamaPlatinum amathathu.
NgoJuni lo mthente ohlabe usamila umenyezelwe njengeRap Life Africa yi-Apple Music.
NgoSepthemba 13 uSimamane ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala elisihloko sithi 20th: Days Before Maud.
Ivele iNingizimu Afrika yahlanya njengoba le-albhamu imukelwe ngezandla ezifudumele.
Kule deluxe album kuboshelwe unqambothi lwezingoma. Kunengoma ayishaye noSjava ethi Uvalo, akudingeki ukuba uze ube wumlandeli we-hip hop ukuze uyithande.
Eyalo lonke uhlobo lomuntu ngoba iyi-R&B. Umhlaba wonke ngeke ungachazeki ngayenze nomrepha odume umhlaba wonke, uRick Ross, ethi Dangerous II.
Ezinye izingoma ezizochaza abaningi ngezithi Y$L (MashBeatz), Star (Mo.Rena), Trust (Saudi&Tshego), Upete (Okmalumkoolkat& Slim Ego), Vegan (MashBeatz & Tellaman), Uphambene (K.O), Discounts (YoungCPT) nezinye.
Nawe Mlaza awumncinyane ngokukhiqiza umrepha osezingeni lomhlaba.