USHAUN ‘Shaun Stylist’ Naki odume ngokugqokisa osaziwayo useveze ukuthi usewushiyile umkhakha wengqephu nemfashini njengoba esezogxila emculweni.
Ukusho lokhu ngemuva kokukhipha ingoma yakhe yamaPiano esihloko sithi ‘JJ Phakathi’ nathe undlalela ngayo iEP ezophuma ngo-Agasti. UShaun Stylist uthe umculo yinto akhule eyithanda njengoba esengene kulo mkhakha ufeza iphupho lakhe.
“Umculo yinto engayithanda ngisemncane, ngikhula ayikho into engangiyicabanga ngaphandle kokuba ngumculi, ngangibukela ezinkankheni ezifana noDJ Sbu. Ngathi uma ngiqeda u-matric ngangena kwimfashini nokuyinto nayo engangiyithanda ngoba ngangithola ithuba lokugqokisa osaziwayo.
“Njengamanje ngingakusho kugcwale ukuthi igqephu sengiyishiye phansi sengingene kwezomculo ngokugcwele. Mina ngiyakholelwa ukuthi uma ungumuntu kumele ulandele amaphupho akho njengoba nami ngenza nje,” kuchaza uShaun Stylist.
Lomculi odabuka eGoli, kwaThema exoxa neSolezwe Ngempelasonto uthe ubonga indlela abantu abamamukela ngayo njengoba esethathe le ndlela.
“Ngibonga kakhulu uxhaso engiluthola kwabangilandelayo, abaningi bangazi ngokuba ngunontandakubukwa ezinkundleni zokuxhumana kodwa ngithe uma ngimemezela ukuthi sengizocula bakhombisa ukukuthakasela lokho.
“Kulo nyaka abantu bangalindela lukhulu kimi, ngenyanga ezayo ngizokhipha iEP kuyona ngisebenze nabaculi abafana no Sir Tril noKabza De Small, ngisebenze kakhulu kulo msebenzi abantu ngicela bengeseke njengoba behlala benza,” kusho yena.