UMCULI wama-piano osedume ngokudalula osaziwayo aseke wazitika nabo ngocansi, uNomfundo "Queen Lolly" Shezi, uthi wukulambela impumelelo okumenze wagcina esephenduka “umqwayizi” endimeni yezokungcebeleka.
Lo mculi, odabuka eMgungundlovu, uthe wakhula eziphethe kahle futhi eyintombi ehamba umhlanga. Ukhule ekhonza ebandleni lamaNazaretha, kwaShembe, ohlangothini lwaseBuhleni ngaphambi kokududana nabangani abasemkhakheni wezokungcebeleka waze wazithola esethungatha amadlelo aluhlaza eGoli.
Uthe ubuntombi bakhe bathathwa wumdlali wodumo kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns esenza uGrade 10, eneminyaka ewu-16 ngaphambi kokujola nomculi waseLimpopo omkhulelise izingane ezimbili kodwa zaphuphuma. UQueen Lolly uthe aze alale namadoda amaningi nje ukuthi ubefuna ukufeza iphupho lakhe lokucula kanti amadoda azomjikela agcine esefuna ukuya ocansini.
"Akekho engalala ngingavumelene naye. Ukuthi bafike bakuthembise ukukufaka e-studio, bathi nizosebenza, nizophusha. Umuntu owenza okwehlukile kunabanye nowaba neqiniso wumrepha waseKZN. Saqala sizijolela, wangifaka e-studio, sabe sesikhipha ingoma. Abaningi bafike bakuthembise ukukupika ngoba bayazi ukuthi bona sebedumile, uma sekufanele nisebenze basuke sebengenile emilenzeni yakho, sebekulalile. Usekushiya kanjalo. Njengoba thina silambile lapha eGoli, silambele impumelelo."
Uthe ubengawubhekile umshado kulamadoda aseke wazitika nawo ngocansi kodwa usuke ephanda impumelelo njengoba bebhuqabhuqwa yindlala eGoli.
"Ngeke ngilokhu ngizihlupha ngize ngiphathwe wukhwantalala, ngithi ngifuna umshado. Ngikwamukele ukuthi amadoda awafuni ukuphumela obala nomuntu wesifazane okwazi ukuzimela, ozenzelayo izinto eziningi." Uthe okwenza angahlali endodeni ukuthi akakwazi ukuncenga nokubekezelela umbhedo.
"Ukuthi ngiyazi uNkulunkulu ungibusisile futhi ubeke amandla amakhulu kimi. Angikwazi ukubekezelela omunye umuntu engibona ukuthi uphuma eceleni futhi uphazamisa impilo yami." Nakuba kunjalo, uQueen Lolly uthe wayengakaze vele wakufisa ukushada.
"Uma nje mina ngijabule, ukuthi uthandana nobani futhi ushade nobani ngaleso sikhathi, akuhlangene nami lokho."
Uthe akazisoli ngokulala nawo wonke amadoda awabalile ngoba kumsizile ukuba afike kuleli zinga asekulo.
"Bengingabazi kodwa yibo ebebengixhuma ezinkundleni zokuxhumana. Bengifike ngithintwe yiciko ngoba lithi libona ikhono bese liyashintsha selisho okubheke eceleni. Kodwa angisenandaba."
Uthe uqale edansela uKelly Khumalo ngaphambi kokuzimela."
Umucu wakhe wokuqala bewusihloko sithi Fihlani Amadoda enu.
Uthe umndeni wakhe uyazi ngabantu aseke wathandana nabo.