UMCULO kamaskandi usekude ukushabalala njengoba sewuhlatshelelwa nangabafundi basezikoleni zamabanga aphansi.
UMinenhle "Natasha K" Khoza (9), ofunda uGrade 5 eRydalvale Primary, ePhoenix, ngomunye womuntuza asebezakhele ugazi emabhinceni. UNatasha K ohlala e-Avoca Hills, eThekwini kodwa odabuka KwaMaqumbi, KwaMaphumulo, uqale ukuzakhela udumo ngokuvela kwiTikTok ehlabelela izingoma zabaculi abadumile bakamaskandi. Ngesikhathi esecula ekaNjoko esihloko sithi Baba KaMelo, uNatasha K wayengazi ukuthi sekuvumbululeka ikhono lokucula.
Unina walo mculi, u-Amanda Khoza, uthe uNatasha K ubelokhu ehlabelela izingoma zabaculi abadumile bese yena emqopha ngefoni maqede afake ama-video akhe kwiTikTok.
"I-video emdumise kakhulu yilapho ayecula khona ingoma kaNjoko ethi Baba KaMelo. Wathi uma uNjoko eyithola wacela ukuhamba naye ngesikhathi eyonandisa kwiMpucuzeko Maskandi Festival eMoses Mabhida Stadium. Wathi uma evela khona, kwaba nabaculi abaningi abafuna ukuqopha naye."
U-Amanda uthe uNatasha K uqale ukuqopha okokuqala e-studio noLuve Dubazane ingoma esihloko sithi Themba Lami Ungangishiyi. Uthe uJumbo owamthinta wacela ukusiza uNatasha ukuze abe nengoma yakhe.
"Emuva kwalokho ube eseqopha no-Airic woJu Records ingoma ethi Sobonana Nini. Emasontweni adlule kuphume enye ingoma yakhe ethi Uzube Nami (ahambisana kuyo noMolly M no-Airic)."
Nakuba uNatasha K esedumile kodwa unina uthe akaphazamiseki emsebenzini wesikole njengoba esaphila impilo ejwayelekile ngoba akayi emicimbini noma eyoqopha ungena usuku olulodwa e-studio. "Uhleze esekhaya njengontanga yakhe."
Uthe baningi abantu abadala nontanga yakhe abahlale befuna ukuhlangana naye. Yize esedume kangaka kumaskandi kodwa ukhule ngomculo wokholo.
"Yimina omfake emculweni kamaskandi ngenxa yokuthi ngiyawuthanda. Uthe esehlala nami, wafike wawuthanda ngoba ngizidlalela wona wodwa."
U-Amanda uthe iphupho lendodakazi yakhe, enguzinyobulala kuye, ukugcina ingudokotela nokuhamba ezinyathelweni zabaculi asebezakhele igama kuleli, okunguLwah Indlunkulu, Qwabe Twins noNomfundo Moh.