UPROJUSA futhi ongumrepha u-Anatii, udalule ukuthi ukungathandi ukugxila entweni eyodwa emculweni, yisona sizathu esenze wanquma ukudedela i-albhamu yesine ethi Boom SZN, egabe ngesigqi sama-piano.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, u-Anatii uthe ubone sekuyisikhathi sokuthi anike abantu umculo omningi futhi omnandi ikakhulu ngoba bese kuyiminyaka eyisithupha agcina ukukhipha i-albhamu ngethi Iyeza, ye-afro pop yango-2018.
“Nanokuthi enye into abantu abangayazi wukuthi senginesikhathi eside ngisebenza ezingomeni zama-piano; kungaba ngokusiza ukuzibhala nokuthi ngiziphrojuse, sengisebenze namaciko amaningi kuzona, okubalwa uMsaki, Yumbs nabanye abaningi engifake isandla ekutheni bagqame endimeni.
“Kodwa nje, vele kuhlale kuyinto yami ukushintshashintsha isigqi somculo wami, njengoba ngenza nge-albhamu yami elanywe yilena yamanje, ngangishaya ngesigqi se-afro pop, kuthi kwamabili okuqala ngangenisa ngeHip-Hop,” kulanda u-Anatii.
Uthe nakuba le albhamu, egabe ngezingoma eziwu-14, okubalwa nayishaya nomrepha waphesheya kwezilwandle uBusta Rhymes, yisigqi samapiano kodwa lokho akusho ukuthi useshiye phansi ukurepha, wukuthi ufuna ukuhambisana nesikhathi.
Amanye amaciko asebenze nawo kwiBoom SZN oPouxy Guitars, Marc, Al Xapo, Yumbs, Chley, Soulful G, Scotts Maphuma, Culoe De Song, Shakes & Les noFocalstic ukukha nje phezulu.
U-Anatii (31) udabuka eBhisho, Eastern Cape. Igama lakhe lokuzalwa ngu-Anathi Bhongo Mnyango. Usebenze namaciko amaningi endimeni obalwa kuwona uDJ Drama, Tiwa Savage, Wizkid, DJ Khaled, no-AKA osewashona.