UMNDENI womculi ocula owokholo ongasekho emhlabeni, uSolly Moholo, usudalule ukuthi uzofeza isifiso salo mculi, ngokukhipha i-albhamu yakhe abeseqede konke ngayo, futhi abeseqalile ukuyimaketha kubantu ngaphambi kokushona ngesonto elidlule.
Lokho kudalulwe yithimba ebelisebenza noSolly (65), ogama lakhe lokuzalwa wuSolomon Molokone, izolo esithangamini ebesenzelwe ngalapho edabuka khona eSoshanguve, ePitoli, sezinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo neyomngcwabo wakhe.
Engakashoni, lo mculi wayeseqalile ukumaketha le albhamu esihloko sithi Wubani O zo Pepeza, eseBotswana ngenkathi ephuthunyiswa esibhedlela, exinwe wukugula.
Esithangamini kugqame ukuthi lo mculi ubekubheke ngabomvu ukuthi le albhamu ifinyelele ebantwini, okuyingakho umndeni wakhe unqume ukuqhubeka nezinhlelo zokukhishwa kwayo.
Kumenyezelwe ukuthi i-albhamu izophuma ngoLwesihlanu, usuku olwandulela inkonzo yomngcwabo wakhe engoMgqibelo e-Akasisa Hall, ePitoli ngo-8 ekuseni. Namhlanje kuzoba neyesikhumbuzo sakhe e-State Theatre, eGoli ngo-11 ekuseni.
USolly uqale ukugqama emculweni ngo-2001 ngomculo wakhe wokholo oshaya ngesigqi esihlukile, waba nedumela ngomdanso wakhe wokugxumagxuma, nangomfaniswano wezimpahla eziwukhakhi, ohambisana nesigqoko esinjengesamaphoyisa.
Ukhiphe ama-albhamu angaphezu kuka-20, wenza imicimbi yomculo eyahlukene.Waduma ngezingoma ezithi Ba Mmitsa Tsotsi yango-2001, nethi Moruti Nthapelele yango-2018.