UMCULI waseMzumbe, uMalibongwe “Mjolisi” Gwala, ubonga abalandeli bakhe emuva kokuqwaqwada emakhanda bonke omaskandi abeqhathwe nabo kwiMaskandi Round 2 Line-Up ye-3rd Annual Gcwalisa Spring Picnic All White.
UMjolisi uhambe phambili ngama-likes angaphezu kuka-53 300, kwalandela uMlabalaba ngama-likes angaphezu kuka-52 200, kwathi owesithathu kwaba wuNavigator ngama-likes angaphezu kuka-48 800, kwaba wuThandazani ngama-likes angaphezu kuka-38 600 kwathi endaweni yesihlanu kwangena uG Jealous ngama-likes angaphezu kuka-37 700. Lezi zinsizwa zizoshiyelana inkundla nezinye izihlabani zomculo kwiGcwalisa Spring picnic All White eHollywood Bets King’s Park eThekwini ngoNovemba 2.
Kwenzeka lokhu nje uMjolisi kulezi zinsuku ugila izimanga ngenoni elishisa izikhotha nokungeke kwamangala muntu uma lingahlukanisa unyaka elisihloko sithi My Dululu, apike kulo umculi we-Afro pop, uMnqobi Yazo.
Ekhuluma neSolezwe, uMjolisi wathi usizwe wukulalela abantu abebencoma ingoma yakhe ethi Shandarapa apike kuyona imbongi, uKwazi Nsele. IMy Dululu isuselwe kuyo le ngoma ephume ngenyanga edlule.
“Bebebaningi abantu abancoma iShandarapa ezinkundleni zokuxhumana okwenze ngafikelwa wumcabango wokuyenza kabusha nangendlela ehlukile, ezodoba abalandeli beminye imikhakha yomculo yingakho ngisebenze noMnqobi Yazo.
Lokhu kungisize ukwandisa isibalo sabantu abathanda umculo wami njengoba kuthe sekuphume le ngoma kabusha, kwanda abantu abalalela izingoma zami eziphume ngaphambi kwayo futhi ngaqashwa kakhulu emicimbini nokuyinto ebingenzeki kangako.”
UMjolisi wathi uhlela ukukhipha i-video ye-My Dululu bese elandelisa nge-albhamu entsha ngonyaka ozayo.
Lo mculi, owumthente ohlabe usamila, ugqame emculweni ngo-2021 nge-albhamu yakhe yokuqala eyayithi Baba Ka-Enzo, walandela ngeyesibili ngo-2022 ethi Dear Nkulunkulu neyakulo nyaka ethi Yimi Unompempe, egabe ngezingoma ezithandwayo ezithi Shandarapa nethi Umkami Usengalile.
KwiGcwalisa Spring Picnic All White, uMjolisi uzobe eshiyelana inkundla no-Ayanda Ntanzi, DJ Tira, Big Zulu, Jumbo, Dumi Mkokstad, Qwabe Twins, Khuzani, Dladla Mshunqisi nabanye abaniningi. Amathikithi asatholakala ngoR150 nangoR1500 (VIP) eComputicket.