BIZ' UDOKOTELA. UMaphokotela. UMampintsh' Inhlokohlela. Wola Gazi. Woza Soshendeza. EzaseMlazi kuphela, Asambe Sokhwezela..."
Ngezinye zezinhlamvu zikaMandlenkosi "Mampintsha" Maphumulo (40) odabuka eMlaza.
Le ngwazi beyaziwa ngokuba yisihlabani sekwaito nesegqom' kodwa kunolunye uhlangothi obelungagqamile ngayo. UMampintsha ubengusomabhizinisi obenenhliziyo emnene. Yize engafundanga waze wafinyelela esikhungweni semfundo ephakeme kodwa ngenzuzo abeyenza ngomculo wokujuxuza, ukwazile ukuxhasa abafundi ebebefuna ukuyobhalisa emanyuvesi.
UMampintsha uyindodana kaMnuz Thembinkosi Maphumulo noNksz Zamanguni Gumede. USbongo Ndlovu kwiKwaito Zone ubhale ukuthi umazi kahle uMampintsha esahlanganisa umculo, ezibiza ngoGolide Dayimane futhi waze wapikwa nguSlovaz engomeni eyayithi Sesimoja nethi Sowuyajola. Uthe uMampintsha wasungula iBig NUZ nabaculi abaningi kodwa bagcina bemhlamukile ngoba bebona inqola imi ndawonye. Wabe esesebenza noBhar esenguSgem 1 ngaphambi kokujoyinwa wuMzi "Danger" Tshomela noSbusiso "R Mashesha" Khomo, naye ongasekho.
IBig NUZ yabe seyibonwa ngowayengumlingisi weSoul City, uPatrick "Kid" Mokoena owayesengusomatekisi futhi enenkampani iWhy Not Entertainment lapho yaqopha ngaphansi kwayo i-albhamu eyayisihloko sithi Zozo. Emuva kokubulawa kukaKid, iBig NUZ yabe seyiqopha ngaphansi kwenkampani kaDJ Tira i-albhamu esihloko sithi 2nd Round Knockout ngo-2008 futhi igabe ngenoni elalithi Ubala Lolo. Yaqhubeka yakhipha eyayithi Undisputed ngo-2009, eyayigabe ngenoni elithi Umlilo. Yabe seyilandelisa ngethi Pound For Poundngo-2011, Made In Africa ngo-2013, For The Fans ngo-2015 neyakamuva ethi R Mashesha.
UMampintsha wabe esesungula inkampani yakhe iWest Ink evumbulule indlovukazi yegqom' uBongekile "Babes Wodumo" Simelane owakhiphe inoni ebelashisa izikhotha kuleli nasemazweni aphesheya, iWololo ngo-2016. UBabes noNasty C baqokwa emqhudelwaneni wase-USA, amaBET Awards, emkhakheni weBest International Act: Africa. Ngo2018 uBabes wenza ingoma nesihlabani saphesheya, uKendrick Lamar, esihloko sithi Redemption futhi yayingxenye yamanoni abaculi bamazwe ngamazwe abebebambe iqhaza efilimini iBlack Panther.
IWest Ink yiyona egqamise ikhono loDJ begqom' baseThekwini, iDestruction Boyz.
Izokhunjulwa ngengoma eyayithi Shut Up & Groove. Omunye wabadunyiswa yiWest Ink uDJ Boonu wodumo lukaSwidi Wodwa noMadanon osayibambile.
Nakuba abaculi bekwaito noDJ baziwa njengabantu abangalikhathalele ikusasa kodwa uMampintsha ukwazile ukuba yisibonelo esihle kozakwabo abeza ngemuva. Nakuba azalwe ngaphandle komshado kodwa yena akakuvumelanga lokho ukuba kwenzeke endodaneni yakhe, uSponge.
Uqale ukujola noBabes engakadumi kodwa bayibambile naye insimbi ishisa yaze yapholela ezandleni. Bekuhluleka ngisho abantu bemgxeka ngokuxhaphaza ingane encane kodwa bagcine beshadile ngo-Ephreli 2021, ngaphambi kokubusiswa ngomntwana uSponge ngenxa yokuthi unina kaMampintsha wayethi uBabes akakhulelwe kodwa ufake izimpontshi esiswini.
Babuye baba nohlelo ngempilo yabo yangempela olusakazwe kwaze kwaba kabili kwiShowmax, olusihloko sithi Uthando Lodumo. Kunemibiko ethi ngalolu hlelo lezi zithandani zihlomule ngoR3 million kwaze kwaba ngamahlandla amabili. Ubudlelwano balezi zithandani ebezizibiza ngoBonnie and Clyde buke bazamaziseka ngesikhathi zixabana ngoMashi 2019.
UMampintsha uyilahle ngokubhonya uBabes kanti ubukwa wumhlaba wonke kwiInstagram. Bagcina bebophene eNkantolo yeMantshi yasePinetown kodwa babuye bakhumelana umlotha. Sebengamathe nolimu baqopha ngokuhlanganyela noDJ Tira engomeni ebihlekisa ngalesi sigameko ebithi Khona Iy'ngane Lay'ndlini.
Ngaphambi kwalesi sehlakalo, owayengumsakazi weMetro FM, uMasechaba Khumalo, uke wasusa umsindo ngokubuza emoyeni uBabes ngokuhlukunyezwa nguMampintsha ngo-2018. Ngaphandle komculo uMampintsha ubebuye abe nezimpahla zokuswenka iWest Ink ne-Original Shandis. Ushona nje ubesanda kwethula ugologo obubizwa ngeOriginal Shandis.
UMampintsha ushone esesibhedlela saseThekwini iDurdoc ngoMgqibelo ekuseni, emuva kokuhlaselwa wunhlangothi. Inkonzo yesikhumbuzo beyisebandleni iThekwini Community Church ngoLwesine. Inkonzo yomngcwabo wakhe ihanjelwe abaculi, oDJ, abalingisi nabaholi bezepolitiki, ibibanjelwe e-ICC, eThekwini ngoLwesihlanu.