ULebo, wodumo lwengoma esihloko sithi Lion of Judah nethi Umusa, uzobe edlala indawo eqavile emdlalweni wethelevishini ozigcawugcawu osihloko sithi Grace. Kulo mdlalo ozokhonjiswa kuRitevactv kusukela ngoNovemba 28, uLebo ulingisa noSiyakha Tshayela, Maduvha Madima, Mpho Sebeng, Nico Mkhabele, Koketso Mojela, Zime Msomi noDippy Padi. Lezi zindaba zidalulwe okokuqala ngabeRitevactv.
"Sijabule kakhulu ukuveza umdlalo wethu wokuqala owuchungechunge iGrace. Sizizwa sihloniphekilengethimba labalingisi," kubhalwe kwi-website yeRitevactv.
Eziphawulela uLebo uthe lo mdlalo uzoqala ukukhonjiswa ngoNovemba 28.
"Kube yisibusiso esikhulu ukulingisa eduze kukaMaduvha Madima, Siyakha, Mpho Sebeng noNksz Dippy." Unxuse abantu ukuba bawubuke ngobuningi babo ezinkundleni zokuxhumana zalesi siteshi.
ULebo ngomunye wabaculi besifazane abahlonishwayo kulo mkhakha noseke wahlabana kumaSABC Crown Gospel Awards emunxeni weBest Female Artist futhi waqokwa nakumaSouth African Music Awards eminxeni iBest Traditional Faith Music Album nakwiBest Contemporary Faith Music Album. UMaduvha waqala ukwaziwa esecula kwiJoyous Celebration kodwa useke walingisa phambilini. NoSiyakha usebuya kwiJoyous nakuma-Idols ngaphambi kokulingisa emdlalweni weshashalazi i-Unapologetic.
UMpho ubelingisa kwiThe Throne neRing of Lies. UZime, odabuka eVerulam, uwumkhangisi wengqephu oke wahlabana ngesicoco sikaMiss Sundowns KwaZulu-Natal futhi usebuya koqeqesha ozakwabo basePortugal.