UMCULI we-Afro soul, uMthokozisi Ndaba, waduma ngokulala isibili kuma-Idols SA ngo-2017. Ukhulume noCHARLES KHUZWAYO ngobudlelwane bakhe noNkulunkulu ukhulume noMthokozisi ngobudlelwano bakhe noNkulunkulu. Uzokhumbuleka ngengoma ayiqopha nomrepha bodumo okunguPro, Duncan, Red Button noZakwe ethi Khaya Lami.
CHARLES (CK): Unabo ubudlelwano noNkulunkulu?
MTHOKOZISI (MN): Yebo, nginabo kakhulu. Sisondelene.
CK: Baqala nini?
MN: Baqala ngo-2006 ngisafunda uStd 7 eNqabakazulu Comprehensive High, kwakushumayela ubab' uMnqayi oyiJunior Pastor eKCC. KwakunguLwesine, wathi angifike ngoLwesihlanu ngizokhetha iNkosi kahle okwesibili. Ngafika ngazinikela, ngaqala lapho ukucula.
CK: Ukhonza kuliphi ibandla futhi yini wakhetha lona?
MN: Ngisonta KwaMashu Christian Church, ngenxa yokuthi kwakunomculo omangalisayo esontweni lakhona. Ngakho kwangiphoqa ukuba ngizongena khona ngoba ngangifuna ukungena ekhwayeni yakhona.
CK: Yisiphi isigameko esake sakwehlela nesakwenza wasondelana noNkulunkulu?
MN: Yingesikhathi kushona umama ngo-2005. Ngangiwumdansi owayehlela imicimbi ngasekhaya. Umama wayebona kungesiyo into engangiba nekusasa eliqhakazile kuyo. Emuva kokushona kukamama, ngabe sengigxila ekhonweni lami lokucula.
CK: Yiliphi ivesi eliseBhayibhelini elukubusisayo?
MN: KwabaseRoma 12 elithi, “Ngakho ngiyanincenga bazalwane ukuba ninikele imizimba yenu ukuba ibe iminikelo epheleleyo kuNkulunkulu othandekayo. Kube ukukhonza kwenu kokuqonda iguqule ingqondo yenu ibe intsha...
CK: Yiluphi ihubo lesonto olikhonzile?
MN: Ngelithi Nang' uMthokozisi (esho elicula).
CK: Sesiphetha, yisiphi isono owangena kuso, ozisolayo ngaso?
MN: Ukungalaleli abantu abadala nokuziba izinto zesintu. Isikhathi eside ngingazinakile kanti kahle, hle ziqondene nami. Lokho kwangenza ngadlula emaphutheni amaningi empilweni ngenxa yokuthi ngangibalekela umsamo. Manje ngibe sengizilungisa futhi baningi abangilekelelayo emndenini wami.