UDJ wesifazane odabuka KwaMashu, uMandisa "DBN Gogo" Radebe, ukhethwe njengenxusa le-EQUAL Africa, enyangeni kaMashi.
NguDBN Gogo kuphela e-Afrika, namaphethelo ongazishaya isifuba ngokuba yinxusa okwesibili le-EQUAL Africa, inkampani yomculo enkulu yezwekazi futhi engaphansi kweSpotify.
Kwenzeka lokhu nje, uDBN Gogo oyindodakazi yomholi oqavile kwi-ANC uJeff Radebe, ubeyingxenye yamaciko aqokwe yiMint njengavelelele e-Afrika, ku-2024. Ubekleliswe nozakwabo odabuka eSwatini, odume esekuleli, u-Uncle Waffles.
Intokazi yaziwa ngomsebenzi wayo omuhle okubalwa amanoni ezingoma ezithi Khuza Gogo, nePossible. Ibonge kakhulu ukuba yingxenye yohlelo lwe-EQUAL Africa.
Ephawula uDBN Gogo osezinze ePitoli, uthe ukubungazwa nokugqanyiswa njengomunye wabantu besifazane abangamavulandlela emculweni waseNingizimu Afrika, kuyinto enkulu kuyena.
Uphawule kanje uDJ: “Ukuthi yaziwa njengendima okukhonya kuyo amadoda kuyaziwa futhi akusiwona umgoqo wokungena kuyo. Ngizibekele elami izinga engifuna ukufinyelela kulo."
Uthe uyazi ukuthi kunabathandi bomculo abebengazi ukuthi unekhono lokuhlabelela.
"Empeleni kunezingoma ezimbalwa engicule kuzo, ezinye zazo ngezami." Uthe umculo yinto angena kuyo kusukela kudala kodwa hhayi ukudijeya.
"Ngiyathanda ukuba endaweni lapho ngizoziveza khona ngekhono lokucula."
Wengeze ngokuthi wakhula ebukela kwabanye abaculi abanjengoThebe, Boom Shaka, Jimmy Dludlu, Malaika nabanye. Eqhuba uDBN Gogo uthe umculo wakhe uhlanganisa igqom', amapiano nengxubevange. Unxuse abantu abafuna ukungena emculweni ukuthi bangakunaki ukuthi abantu bathini.