UYABALISA u-DJ futhi usola iqembu lekwaito aMaTycooler, ngokuntshontsha izinsimbi zengoma yakhe ayikhipha ngo-2020.
UNkosingiphile “DJ Flexy’ Cele, uthe ngo-2020 wakhipha ingoma ethi Daily Prayer (Gospel Gqom).
Kepha, ngoFebhuwari nonyaka, aMaTycooler akhiphe ingoma enezinsimbi ezifana nse nezengoma yakhe ethi, Uyena.
“Ngithuke isimanga uma ngibona u-DJ Tira efake ividiyo yengoma enezinsimbi ezifana ncamashi neyami, eyenziwe aMaTycooler, apike kuyona uFocus Magazi. Le ngoma yabo entsha ifana nse nezinsimbi zengoma yami. Ngisho ukukhala kwesigubhu nesigqi sihamba ngendlela efanayo,” kukhononda u-DJ Flexy.
Uthi uma ezama ukuxhumana nabo ngenhloso yokukhuluma ngodaba, bamshaya indiva nezingcingo zakhe abaziphenduli.
“Njalo uma ngizwa kudlala le ngoma, ngivele ngifikelwe wusizi. Ngisho ukuthi ‘Ewuuu, amandla ami angaka madoda ahamba kanjalo nje’. Ngisho ngoba nami nganginesifiso sokuthi ngizophumelela ngayo lengoma,” kubalisa u-DJ Flexy.
Eqhuba uthe bayazana naMaTycooler, no-DJ Tira kanti ngo-2017, bake basebenzisana ndawonye.
Isolezwe NgoMgqibelo limbonile enoTira noJoocy ngesikhathi beqopha ingoma ethi, All I Wanna Do. UFlexy uthe uTira akahlangene nokwebiwa kwengoma, ukuthi nje iphume ngaphansi kwenkampani yakhe i-Afrotainment.
Ethintwa uTira udlulisele Isolezwe NgoMgqibelo kuMaTycooler.
Ethintwa aMaTycooler, okuyiqembu elakhiwe amalungu amathathu, okunguBhekithemba Magwaza, Sandile Mthethwa noBanele Ngcobo baseNdwedwe, athe amanga lawo. Abuze ukuthi yini u-DJ Flexy elinde kwaze kwaphuma ingoma ngaphambi kokuthi akhononde ngokuthi ifana neyakhe.
“Umona nje futhi ayilona iqiniso lento ayishoyo. Okokuqala nje wathi ingoma yethu inezinsimbi ezifana neyakhe, sesiyikhiphile.
“Sathi ‘kulungile-ke, letha ingoma othi ngeyakho futhi sithathe izinsimbi zayo, siyilalele sizwe ukuthi ziyefana ngampela yini’. Wavele wathi ingoma akasenayo kodwa ikhona kuYouTube. Manje ungamkholwa kanjani umuntu okhuluma into ubufakazi bayo engenabo?” kubuza aMaTycooler.
Eqhuba aMaTycooler, athe ingoma ayiphusha ezinkundleni zokuxhumana yaze yabukelwa abantu abangaphezu kwesigidi, bengakayikhiphi ngokusemthethweni.
“U-DJ Flexy akazange asho lutho. Uqale izinkulumo emuva kokuthi sekukhishwe ingoma yethu,” kubhoka aMaTycooler.