UMCULI odabuka KwaZulu-Natal, kodwa osezinze eGoli, uzobuyela ekhaya ngekhonsathi ezoba ngoDisemba 17, eThe Station, eMngeni, eThekwini.
ULanga Mavuso uzobe efike ngaphansi kochungechunge lwamakhonsathi akhe awaqambe ukuthi i-Songs for the Sun.
Exoxa naleli phephandaba, uveze ukuthi ubengeke akwazi ukulishiya ngaphandle iTheku kulolu chungechunge kwazise kungakubo.
“Into eyangenza ngihambele amadolobha, kwakungukujabulela ukwenza kahle kwe-albhamu yami engayikhipha ngo-2020 iLanga,” kusho uLanga.
Uthe emadolobheni abawahambelile kubalwa i-East London, Gqeberha, eKapa, eGoli nasePitoli, njengoba sekuyithuba laseThekwini.
I-albhamu yakhe yokuqala iLiminal Sketches yiyona eyamakhela igama ngokwenza kahle.
Uveze ukuthi ngasekupheleni kwale nyanga uzovulela inkundla umculi waphesheya abebukela kuyena kuyona yonke le minyaka, uKenny Lattimore, ozobe eseSun City Superbowl.
“Asisakwazi ukulinda nesicula nabo. Kodwa kuqala sithembisa ukubajabulisa abazohambela iSongs for the Sun. Kube yintokozo ukucula ezindaweni ezigcwele ngonyaka odlule sibe siphuma kwiCovid-19. Sithemba ukuthi nabantu baseThekwini bazoyigcwalisa indawo futhi nathi sibe nomfutho ofanayo,” kusho uLanga.
Uthe kula mahora mabili uzobe eqhulula amanoni akhe afana neSpirit, Intliziyo neMvula kanti kukhona namanye awaphathele abalandeli bakhe abangakaze bawezwe.
ULanga uthe ukholelwa wukuthi uzoluvala ngesitayela uchungechunge lwamakhonsathi akhe.
Amathikithi ekhonsathi aseqalile ukudayiswa eWebtickets, Pick n Pay naseLangaMavuso.com ngoR250. Azodayiswa nasemnyango ngoR300.