UTHI abufikanga ubuthongo ecabanga uthando alukhonjiswe abantu bakuleli u-Akhonamathemba Mbele odume ngelikaSweet Guluva kusizini yesihlanu yohlelo iBig Brother Mzansi, egoqwe ngeSonto.
USweet Guluva uthe akangabazi ukuthi ugazi abe nalo ebantwini abamvotele ludalwe uNkulunkulu.
Le nsizwa ebiyenza iziqu zeBusiness Information and Administration, eCape Peninsula University of Technology, eKapa ithi ibonga unina nomalume bayo okuyibona abayitshela ukuthi ake izame inhlanhla kulolu hlelo.
USweet Guluva uthe yize ayazi ngalo kodwa wayengagxili kulo uma elubuka, wayelubheka nje uma ethola isikhathi.
“Ekhaya bengihlala ngibatshela ukuthi ngifuna ukungena emkhakheni wokulingisa nasemculweni. Ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uhlelo luyabuya kulapho umama angitshela khona ukuthi angizame inhlanhla. Angizisoli ngokuthatha lesi sinqumo nokuyiso esingibeke la ngikhona manje. Kuningi okusamele ngikucabange njengoba ngingeke ngisaphindela esikoleni, kodwa okuzokwenzeka ngizoqhubeka ngifunde ngezindlela zesimanje, " kuchaza yena.
Uveze ukuthi ukuba sendlini kaBig Brother kumfundise izinto eziningi ezithinta ukuphilisana nabantu ongabazi kodwa nihlangane nisebenzisane.
"Impilo ngiyibone ngenye indlela, ukuhlala nabantu ongabazi kungisize ekutheni nami ngifunde enye impilo futhi ukuhlala sigadiwe ukuthi sivuka nini, sinikwe isikhathi sokwenza umsebenzi walelo sonto okudingeka sizinikele nakho kungikhombise impilo ngenye indlela nokuyinto engizoyisebenzisa," kuchaza yena.
Uveze ukuthi okwamanje akazi ukuthi imali uzoyenzani njengoba kusekuningi okusemqondweni wakhe.
"Ngisho ubudlelwano bami no-Ashley angikafuni ukuveza ukuthi njengoba sengiphumile endlini kuzokwenzekani ngabo, lokho ngizokufihla okwamanje. Uma kwenzeka ngiyonivezela. Nakubantu ebenginabo endlini angikasithathi isinqumo sokuthi ubani engizoqhubeka ngixhumane naye."
Ebuzwa ukuthi ukukhuluma isiNgisi bekuyinto eyinkinga yini noma bekungenye indlela yokuzakhela abalandeli, uSweet Guluva uthe ulwazi njengoba ezazi lolu limi kodwa ukungazijwayezi ukulukhuluma yikhona aqhubeke nokukwenza ngisho endlini kaBig Brother.
"Mina ngifunde esikoleni esizimele eHarrismith, ngaphinde ngaya eKapa ngayoqhubeka nokufunda. Into engiyenzayo ukuthi angizijwayezanga ukuhlala nabantu abakhuluma isiNgisi, bengihlala nabantu sizikhulumela ulimi lwasekhaya. Ilokho-ke okungenza ngingajwayeli ukusikhuluma, kubonakale sengathi angisazi kahle, " kuchaza yena.
Ngemuva kokuwina kukaSweet Guluva abalandeli baka-Uyanda noNsuku baqale ukuhlanganisa imali ukuze kunikwe laba abathi nabo benze umsebenzi omuhle. U-Uyanda izolo emini imali yakhe abeqoqelwa yona ibisidlule kuR100 000.