ZONKE izindlela zibheke kwi-8th Annual Drakensberg Extravaganza Music Experience, eWoodstock Dam, eBergville, ngoMgqibelo, ngoDisemba 14, kusukela ngo-3 ntambama kuze kuse emnyango.
Kuleli dili lomculo kuboshelwe izilomo zodwa, okubalwa kuzo uDlala Thukzin, uMthandeni SK, Blaq Diamond, DJ Happy Gal, Sphectacular & Naves noSelbeyonce woKhozi FM.
Umgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, uSipho Ndaba, unxuse abazohambela i-Drakensberg Extravaganza Music Experience ukuba bakhiphe ubhozo ngengqephu ngoba lo mcimbi uzobuye usakazwe esiteshini sethelevishini esixube izinhlanga i-SABC 3 (S3) ngosuku olusazoqinisekiswa.
Uthe kuzobe kudidiyelwe amaciko ahlukahlukene akuleli nasemazweni angaphandle.
"Sijabule kakhulu ngokubuyisa i-Drakensberg Extravaganza Music Experience. Kulo nyaka lo mcimbi uzobe usezingeni eliphezulu. Umgubho womculo, usiko nomphakathi. Sesikulangazelele kabi ukwamukela abathandi bobumnandi ngale mpelasonto. Sijabule futhi ngokuthola abaxhasi abazosakaza lo mcimbi i-S3. Ngakho swenkani niconse bese nilungela ukuvela kwi-TV," kusho uNdaba we-Drakensberg Production.
Uthe uzobuye abhansele abathandi bobumnandi nge-picnic ezokuba ngeSonto, okungenwa kuyo mahhala.
Eqhuba uNdaba uthe kulokhu lo mcimbi awubanjelwanga eBergville Sports Complex ngenxa yokuthi isalungiswa.
Uthe abazowuhambela ngeke baduke ngoba iWoodstock Dam ayiqhelelene kangako neBergville Sports Complex futhi kuzobe kunethimba elizobe liyalela asebephambukile endleleni.
Uthe izihambeli azilindele impatho engaphezulu kwezihlale ziyithola kulo mcimbi ongundabuzekwayo ngenxa yokuthi balithuthukise kakhulu izinga.
Uthe abakhonze ukushutha, bazoshutha baze bakhathale ngenxa yobuhle obuseWoodstock Dam.
Esephetha unxuse izinswelaboya namaqola ukuba zingalokothi zibeke imiconjwana yazo kulo mcimbi ngoba zizowukhomba umuzi onotshwala ngenxa yezinga labaqaphi abazobe behlome beyizinglvolo ngakho konke.
Amathikithi adayisa amagwinya ashisayo e-Ticketpro nase-Spar ngo-R150, R600 (VIP) kanti ama-cooler box amancane angena ngo-R50 esangweni.