UMCULI kamaskandi osinde ebulawa nyakenye, uXolani "Sxubho Samantombazane" Mkhize ongumholi waBafana BakaMolo Bangempela, uzibongele kuMdali nge-albhamu esihloko sithi You Saved Me.
USxubho uthe uthathe isinqumo sokuzibongela kuNkulunkulu ngokumsindisa ngoba ubeselilahlile ithemba. Lo mculi, obegidela umufi uBhekumuzi Luthuli, ulaliswe esibhedlela sase-Edenvale, eGoli, elimele kabi ekhanda nasengalweni. Uthe ubedutshulwe ekhanda, waphucwa yonke imali abeyiphethe.
"Ngithe kulokhu angenze ingoma ukuze ngibonge uMvelinqangi ngokungivikela kulesi sehlakalo nakwezinye. Ngicula le ngoma nonkosikazi wami ngoba naye unekhono," kusho uSxubho obuye abe yilungu leqembu lombhaqanga, Ofeleba.
Sekuthanda ukuba wumshophi ukuhlaselwa kukaSxubho. NangoJulayi ngo-2016, uke wasinda ngokulambisa begwazwa eVosloorus. Kuleso sigameko kubulawe amanye amalungu eqembu lakhe amathathu, uLebohang Dlamini, Mxolisi Hlabeni noLehlohonolo Mofokeng.
Kule albhamu esiqalile ukutholakala ezitolo zomculo, kuboshelwe izingoma ezishisa izikhotha ezithi: Dudlu Ntombi, Emhlabeni, Umkhono Wejezi, Mzala Wami, Isilo Sengubo, Umaqondana, Ithonga Lami, Ubugunqugunqu nezinye.
USxubho ubuye watusa amagalelo esilomo soKhozi FM, uDudu "Lady D" Khoza. Uthe okumenze aphume iqhubu noLady D, yindlela asakaza kamnandi ngayo, futhi akekho oyovala isikhala sakhe kulo msakazo. Umchaze njengomuntu owumgogodla woKhozi.