UKUFUNDA esikoleni samabanga aphansi naphezulu ebesiqhakambisa umculo, kwenze wafunda ukucula nokudlala izinsimbi zomculo ezahlukene, futhi eculisa nozakwabo.
Ligqame, lavelela kanjalo ikhono lokucula kumculi wama-piano ne-house, uSykes wodumo lwengoma kaDlala Thukzin ethi iPlan. Kumanje usematheni futhi ngengoma kaKelvin Momo ethi Bala, nenye esihloko sithi Ndawana, apikwe wuSha Sha kuyona.
Engxogxweni neSolezwe, uSykes ogama lakhe lokuzalwa wu-Ayabonga Zuma, uthe ikhono lakhe lomculo liqale ukugqama esefunda uGrade 7 eSt Nicholas Diocesan School, lapho eyesevele efundisa ozakwabo umculo esekulelo banga.
“Yilapho ithalente lami lokucula eligqame khona, ngafunda nokudlala izinsimbi o-piano, i-steel drum nemarimba, lokho kwenza ngawuthanda kakhulu umculo, njengoba sengilana abantu abaningi abangibone sengikhona manje,” usho kanje.
Liqhuba leli ciko laseMpendle ngaphandle kwaseMgungundlovu, lithe okunye okulenze lawela ngelibanzi wukukhuliswa ngabazali abaluqondayo uhlobo lomuntu eliyilona, beliseka njalo ebucikweni balo.
“Babambe iqhaza elikhulu empilweni yami, njengoba kuthe sengiphothule u-matric ngo-2018, bathwala izindleko zokufunda kwami e-AFDA, lapho ngenze khona izifundo zamafilimi nokulingisa, ukuhlomela ikusasa,” kusho uSykes.
Udalule nokuthi nakuba edunyiswe yizingoma zabaculi abasuke bempikile, kodwa akakhathazekile ngalokho ngoba mningi umculo asazowukhipha ukujabulisa abalandeli bomculo wakhe.
“Ikhona ingoma yami noTman-SA eza kahle ethi Giya, nesizoqamba ngayo i-albhamu yami esizoyikhipha ekupheleni kwale nyanga ukujabulisa abantu,” usho kanje.
Uthe yindathane yomculo asewuqophile ngoba isikhathi esiningi uba se-studio enza wona. Ezinye zalezo zingoma uziqophe noKabza De Small, DJ Lag, DJ Tira, Sha Sha noGoldmax.